Izindaba

Babhekene ngeziqu zamehlo nabokufika kuvulwa izikole

Bahle Mkhize

Umholi wenhlangano elwisana nabokufika abangenazo izimvumo iMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, usethembise ukuqhinqa ngaphandle kwasemasangweni ase-Addington Primary School eThekwini.

Uthi bazoqhinqa khona kuze kusizakale izingane zaseNingizimu Africa kuqala ezibalelwa ku-60 ezingenazo izikhala zokufunda ekubeni ezangaphandle zifunda.

Ubesho kanje lapho khona ibhekene ngeziqu zamehlo kuvimbe iphoyisa phakathi nendawo kwazise imimoya iphezulu.

“Sizoqhinqa la kuze kusizakale izingane ezibalalelwa ku-60 zakuleli ezingenazo izikhala zokufunda. Lezi zingane ezakulendawo. Labantu abanqeni kusasa bavuke bagoduke bayodla imjolofiya yasemakubo kodwa izingane zala akukho lapho zingaya khona”

“Sifike la izolo ngoba kukhona abazali abebefuna ukubona uthishanhloko ngoba befuna izikhala. Sakhuluma neSGB sacela ukuthi bahlangane nathi nabo labazali. ISGB yavuma kodwa uma sekusondela isikhathi kwangenzeka. Uma sifika la uthishanhloko usibizele amaphoyisa, wabaleka,” usho kanje.

UNkz Cwayita Sonca, ongomunye wabaholi bamalungu omphakathi aseWard 26, eThekwini usehlukanise umphakathi njengoba esekhaleni lempi evuna abokufika.

“Sizothi akekho umuntu ozofika ngosuku lokuqala ezovimba ukuthi abantwana bokufika bangangeni. Uza njengobani uJacinta njengoba bekhona abantu baseWard 26 sikhona noma akanandaba nabaholi bakhona,” kubhoka uSonca.

“Njengowesifazane oyiXhosa ungiphoxile mama. Abantu bakuleli kuqala, bese kulandela abezizwe abanamaphepha,” kusho uLungisile Angel Mavozana ezinkundleni zokuxhumana.

Related Articles

Back to top button