Izindaba

Kumshele owesifazane owaka abantu ngezindlu zomxhaso

Morgan Ngwazi

Ushaya ihlombe uMnyango weZokuthutha, nokuHlaliswa kwabantu oholwa uMnuz Siboniso Duma ngokuboshwa kowesifazane owaka abantu imali ngegama labo.

Umkhohlisi uzovela enkantolo namuhla ngamacala okukhwabanisa nokuqola okuhambisana nokunikeza amathuba emisebenzi, izindlu namathenda.

Lo wesifazane ubethembisa amalungu omphakathi amathuba emisebenzi, izindlu namathenda okwakhiwa kwezindlu zomphakathi. Ubanjiwe wabe eseboshwa wabekwa amacala ayisithupha okukhwabanisa.

“Ngonyaka odlule ngathola izingcingo zabaholi bomphakathi kanye namalungu ajwayelekile ngemuva kokuthi lo  muntu ethi umele uMnyango. Ubebafuna imali ukuze bathole umsebenzi eMnyangweni,”

Ngaphezu kwalokho, umkhonyovu wakhuluma nabahlinzeki bezinsizakalo nezinkampani emkhakheni wezokwakha, wathi banikezwe amathenda okwakha. Ufune izinkokhelo kusengaphambili noma imali yokucubungula.

Kwesinye isikhathi, lo mkhwabanisi wazenza isikhulu esiphezulu eMnyangweni uMnuz Thulani Bhengu.

Ukusebenzisa okuhle kwethimba elilwa nenkohlakalo eMnyangweni namaphoyisa kuholele ekutheni kuboshwe lo msolwa wase ebekwa amacala ayisithupha.

Icala bekumele liqulwe eNkantolo yeMantshi yasoBombo ngomhla zingama-24 kuNovember ngo-2025, kodwa inkantolo ayikwazanga ukuqhubeka ngenxa yokungabibikho kwabamele umsolwa.

“Sifisa ukukhumbuza amalungu omphakathi angasoli lutho ukuthi aqaphele amaqola azenza izikhulu zomnyango. Akufanele ukhokhe imali nganoma yimuphi umsebenzi, ithenda, noma ukweqa ulayini wendlu ye-RDP”

“Sifisa ukuncoma ithimba loMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu eliphenya ngokukhwabanisa nenkohlakalo ngokuthatha isinyathelo ngokushesha ukuqinisekisa ukuboshwa komkhwabanisi” kusho uNgqongqoshe.

Ligcine lingena ngoLwesithathu enkantolo yeMantshi yasoBombo kuMasipala wesiFunda uMkhanyakude.

Related Articles

Back to top button