
Usizi udado (5) eduka ngosuku lokuqala esikoleni
Morgan Ngwazi
Kuduma upotiyane kunina wengane eneminyaka emihlanu, u-Emihle Mavundla, oduke ngosuku lokuqala eyongena esikole.
Lo dado ubeyofunda uGrade R eVerulam Primary School kuqapheleke ukuthi udukile kubonakala kuhamba isikhathi engafiki ekhaya.
Unina wengane ulinde endaweni lapho eduze kwalapho ehlala khona eMhlasini ukuze imoto yezingane ibuyisele indodakazi yakhe ekhaya kodwa kwangenzeka.
Umshayeli wemoto ethutha izingane uveze ukuthi akazange ayilande ingane.
Umama ube esethinta umnikazi wezokuthutha, base behamba bobabili baya eVerulam Primary School kuRussom Street beyothungatha ingane. Nokho u-Emihle ubengabonwa nangokhalalo emagcekeni esikole.
Sekunezinsolo ezithi kungenzeka ukuthi u-Emihle ugibele imoto okungesiyo njengoba kungaziwa ukuthi ukuphi.
Ngesikhathi enyamalala, lo dado ubegqoke umfaniswano wesikole samabanga aphansi aseVerulam.
Uchazwe njengentombazanyana enebala elinsundu, amehlo amakhulu amnyama, nomzimba oyisidudla.
Kunxuswa amalungu omphakathi okungenzeka ukuthi ayibonile le ingane noma anolwazi mayelana nokuthi ikuphi ukuthi athinte iReaction Unit South Africa (RUSA) ku-086 1234 333.



