Izindaba

IKZN ihlekisa nge-EC eyiklolodela ngemiphumela kamatric

Sane Mseleku

Sesiphenduke inhlekisa isifundazwe sase-Eastern Cape siklolodelwa iKwaZulu- Natal kulandela ukuba semsileni kwimiphumela kaMatric.

“KZN nombolo- 1, Eastern Cape nombolo- 9 ayihloniphane makwedini,” ngeminye yemibhalo ezungezayo ezinkundleni zokuxhumana.

AmaXhosa azivikela ngokuthi iKZN yingoba ixube amaNdiya nabelungu yingakho ihambe phambili.

UNdunankulu wase-EC u-Oscar Mabuyane uhalalisele bonke abafundi abaphase umatric yize bekukhona izingqinamba.

Ubonge ukuzimisela nokubekezela kwabafundi, neqhaza elidlalwe othisha, abazali, abaphathi besikole kanye nomphakathi ngokubambisana kwesekwa abafundi.

“Kumele siyibuke ngokuqondisisa lemiphumela. Ukwehla kancane kufuna ukuthi sikubhekisise, siqinise ekukhuphuleni izinga lokufundisa nelokufunda, ikakhulukazi kulezi zifundo ezithanda ukubanzima nezizokwenza kubelula ukungena ezikoleni zemfundo ephakeme,” kusho uMabuyane.

Yize isifundazwe sase-Eastern Cape singenzanga kahle kodwa abanye babafundi baphume phambili esizweni sonke.

U-Emma Booyens wase Clarendon High School, e-East London uphume unombolo- 2 kwiPhysical Sciences, uNgazibini Unathi Ntungwa Isikhoba Nombewu Technical Secondary School, eCofimvaba uthole unombolo- 3 kwiTechnical Sciences.

USesona Masingili waseSoqhayisa Senior Secondary School, eNelson Mandela Bay uphume unombolo- 3 kwi- Accounting. Kwathi uMaria Freercks eCollegiate Girls High School, eGqeberha uthathe isicoco sikanombolo- 2 izwe lonke.

UHulumeni wezifundazwe uthe, kusazohlaziywa kahle imiphumela ukuze kubonakale ukuthi iziphi izindawo ezidinga usizo ngokushesha, nesidingo sokusekwa kwabafundi.

IMIPHUMELA YEZIFUNDAZWE

1st KZN : 90.6%

2nd Free State : 89.33%

3rd Gauteng : 89.06%

4th North West : 88.4%

5th Western Cape : 88.2%

6th Northern Cape : 87.7%

7th Mpumalanga : 86.55%

8th Limpopo : 86.1%

9th Eastern Cape : 84.17%

Related Articles

Back to top button