Tjovitjo uBricks ethweswa iziqu ejele
ZIMHAMBELA kahle izinto umculi weKwaito uSipho Ndlovu odume ngoBricks, odonsa iminyaka engu-15 ebhadla ejele iLeeuwkop.
Lo mculi wodumo lwengoma iTjovitjo uvele ethweswa iziqu zeMarketing Management.
Ilunga lomndeni elingathandanga lidalulwe licashunwe kwiTimes Live lithi uBricks ujabulele ithuba ngaphakathi ukuthi afunde. Lithi ukusuka la lo mculi uzokwenza izifundo zePolitical Science. Uthi lokhu kukhomba khona ukuthi isimilo sakhe siyakhandeka nokukhula nje njengomuntu.
UBricks usanda kubonakala ecula nekhwaya yasejele esontweni iGrace Point, eFourways, eGoli.
IPurpose ihoshe umoya wokuthi uBricks usezinhlelweni zokuthi mhla ephuma ejele akhiphe umculo weGospel okuwumculo aqala kuwona. Kuthiwa ojele nezinye iziboshwa.
Uzithola ekulolu bishi nje uBricks watholwa inkantolo enecala lokudlwengula intombazane eyisihlobo sakhe. Umgilwa wayeneminyaka engu-17 ngo-2013 edlwengulwa yilo mculi.
UMnyango wozokuHlumelelisa kwezimilo unika iziboshwa ithuba lokufunda ngaphakathi. Lokhu kusiza iziboshwa indlela ezicabanga ngayo nokunciphisa amathuba okuthi zibuyele ejele.