Lisha ubuhanguhangu isonto likaPastor Mboro
SIMANZONZO isimo eKatlehong umphakathi uvuka umbhejazane ungqongqisa isonto likamfundisi Paseka Mboro Motsoeneng i-Incredible Happenings.
Kwenzeka lokhu ngoMsombuluko ubonakale edinwe eveva ehlasela esikoleni okufunda kuso abashana bakhe ababili ebathatha ngo-dli.
Bekusalindwe ukuthi avele enkantolo iPalm Bridge, eGoli uMphrofethi uMboro nabanye besilisa abane.
Okhulumela amaphoyisa eGoli, uCol Noxolo Kweza uthe kuboshwe abantu abane ngezizathu zokwethusa nokususa udlame esikoleni samabanga aphansi.
Uthe labasolwa okukhona kubo uMboro bazovela enkantolo iPalm Ridge maduze.
“Babhekene namacala okushaya, ukuphatha isibhamu umgangela nokubeka izimpilo zabanye abantu engcupheni nokusabisa”
NgoMsombuluko kunyakaze izinkundla zokuxhumana ngesikhathi kuvela i-video uMphrofethi uMboro nabanye abesilisa bebonakala bephethe ucelemba nenhlokohlela yesibhamu i-AK 47 belanda ngo dli abantwana.
Izingane zibonakala kwi-video zikabalasa zikhala zikhombisa ukwethuka.
Echaza ngesizathu sokugasela kwakhe esikoleni ngaloluya hlobo uMboro, uthe ubeyolanda indodana yakhe.
Uthi ibihlaselwa ngomunye wothisha ngesikhathi elanda abazukulu bakhe.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo uSteve Mabona uyigxekile indlela uMboro asingathe ngakhona udaba.
“Ubundlavini abukhombisile abudingeki ezikoleni zethu. Ophenyweni esilutholile ukuthi othisha abebeyalelwe ugogo wezingane benqabele umlisa ukuthi ahambe nezingane. Kuvele ukuthi kunombango omude mayelana nokuthi izingane kumele zihlale kuphi selokhu kwashona unina wazo ngo April,” usho kanje.
Ephawula enkulumweni eqoshiwe kukhona amaphoyisa, ikhansela nothisha uMboro uzwakala ethi okwenze walusukumela phezu udaba ukuthola ukuthi indodana yakhe ivalelwe egunjini elithize othisha babuye bayishaya.
Uthe ubone kuyicebo elihle ukugxuma ayolanda ocelemba ukuvimba ukuthi akhiphe isibhamu ngoba ubezovulelwa icala lokukhomba abantu ngaso.