Sezidla ogqokweni olulodwa izangoma ebezingabhekani
Phila Luthuli
IZANGOMA ezingonontandakubukwa uGogo Skhotheni noGogo Maweni baqede impi yamazwi nokungcofana esidlangalaleni.
Phezu kwalokho bahlela nokwenza idili likamkhipheni bathelelane amanzi bakhe kabusha nobungani.
UGogo Maweni uthi kumphatha kabi okwenzeka phakathi kwabo.
“Sizizwa kabi ngakho konke okubi okwenzeka phakathi kwethu, siyazi ngokulumela kwezinto esazikhipha ngeyethu imilomo. Sikhulumile ngakho sathelelana amanzi,” usho kanje.
Lezi zangoma zihlela ukuhlangana kwinightclub kaSkhotheni ukuzodla gqoko lunye.
“Gogo Skhotheni ngimumema ukuthi afike notokoloshe bakhe azothenga amabhodlela abaizayo echampagne,” kuncokola uMaweni.
Njengoba bese kunezinsolo zokuthi abayeni babo yibo ababahlanganisile kwazise bayezwana kodwa uMaweni ukuchithile lokho.
“Labo bangake balinge bazishaye isifuba ukuthi yibo abalethe ukuthula. Kube yisu neqhinga lethu,” kusho uMaweni kwiZimoja.
Impi phakathi kwalaba bobabili yaqonga ngesikhathi uSkhotheni eveza ukuthi lowo owayeshade noMaweni wabe engisiyo indoda eqondile kodwa isitabane.
Kokunye ababegadlana ngakho wukuthi uMaweni ugqoka izimpahla zeGucci ezingombombayi futhi akanamoto egameni lakhe.
Wabuyisela izinduku uMaweni kuSkhotheni ethi uhubhuza amanga aluhlaza uma ethi ungumnikazi wenight club iCavo.
Kulempi kwaze kwangenelela ugobela osanda kuphothula uKelly Khumalo.
“Bodadewethu, akulungile lokhu enikwenzayo nehlisa isithunzi sokwelapha abantu. Ezinye izinto kumele zihlezi ziyimfihlo,” kukhuza uKhumalo.