Banqatshelwe ibheyili abasolwa ababili kwelika-AKA
Liyah Mseleku
BASAZOGQUNYWA ezitokisini abasolwa ababili kwabahlanu abaxhunyaniswa nokubulala umculi we-Hip Hop uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane.
Babevele enkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesithathu bezozama inhlanhla okwesibili.
Laba basolwa okungu Muziwethemba Gwabeni noLindokuhle Mhlaliseni Ndimande banikele kule nkantolo ngeledlule nobufakazi “obusha.”
Imantshi uVincent Hlatshwayo ibuchithile lobubufakazi yathi iningi labo (ubufakazi) babuveza ngesikhathi befaka isicelo okokuqala nyakenye.
Icala liguqele umhla ka-7 wenyanga ezayo, lapho abasolwa bobahlanu bezofundelwa khona uhlu lwamacala babekwe wona.
Phambilini ummeli wabasolwa u-Adv Cryil Mlotshwa, utshele imantshi ukuthi okwenza uGwabeni acele ibheyili kabusha wukuthi abashushisi baveze ukuthi ukuphenywa kwabo sekuphelile.
“Okunye okuyinkinga yakhe wukuthi ukweleta uR100 000 esikoleni okufunda kusona enye yezingane zakhe, nokuthi enye ingane yakhe nonkosikazi belulekwa ngokomqondo, okudinga ukuthi abe seduze nabo ukubeseka. Konke okudinga imali akakwazi ukukwenza ngenxa yokuthi uvalelwe esitokisini.
“NakuNdimande kunzima ngokuthi itekisi lakhe eliwusizo emndenini libe sengozini, akakwazi ukulilungisa ukuze liqhubeke lisebenze lingenise imali, emndenini. Umndeni wakhe uyasokola ezimalini njengoba engekho, okwenza isimo sibe muncu ekhaya ngoba ubhekelele nezidingo nezindleko zamakhosikazi kayise ongasekho,” kuchaza uMlotshwa.
Umshushisi omkhulu u-Adv Lawrence Gcaba, uthe izethulo zommeli wabasolwa kazanele ukuthi zingenza ukuthi banikwe ibheyili nokuthi uma bededelwa ngebheyili ngeke bebe nesiqiniseko sokuthi ngeke baphazamise ukuqhubeka kwecala.