Izindaba

Ingane kaChris Brown yenze ezibukwayo kumatric

Bahle Mkhize

UMCULI osemncane uNaledi Aphiwe Myongwane obuye ateketiswe ngokuba yingane kaChris Brown uphase ngamalengiso kumatric.

Lo mculi (18) ophase ngeBachelor’s ubefunda eKhethokuhle Secondary School eNanda.

UNaledi wazekhela udumo ngesikhathi eshuthwa esekilasini esho ngengila nokwadonsa amehlo omhlaba okubalwa uChris Brown.

Akapholisanga maseko uChris Brown walisebenzisa iphimbo lale ntokazi esencane kwi-album yango-2023 kwiculo elisihloko sithi Shooter.

Njengoba kade eseMzansi uChris Brown, edilini lomculo eFNB stadium, bahlangana kwashutha nezithombe kwanjeya.

Nakuba esehlezi esemehlweni abantu futhi ematasa uNaledi kodwa ukwazile ukugxila ezifundweni.

Ucashunwe kwabezindaba ethi yize ephasile kodwa usazimisele ukuqhubeka nemfundo.

“Ngisafisa ukuqhubeka nokufunda idrama nomculo, ngiyafisa ukuzobona ngilingisa kuma telenovela,” usho kanje

Uqhube ngokuthi lonyaka ubunezinselelo kodwa wakwazi ukuyibamba ishisa. Usebenze kanzima ukuze aphumelele.

Ubonge uthishomkhulu, othisha, umndeni wakhe nabo bonke abemesekile.

Likhuphukile izanga ezweni lonke abafundi bakamatric 2024 beqopha umlando omusha.

Kulokhu izinga liku-87,3%, kuqenqeleza phambili isifundazwe sase-Free State.

Imiphumela inyukile isuka ku-82.9% ngo-2023 kuya ku-87.3% ngo-2024.

Kuphume nangaphezulu kwa-319 000 wodistinctions okuyinto enconywe nawu Ngqongqoshe wezeMfundo eyisisekelo uNksz Siviwe Gwarube.

Umcimbi obuse Mosaiek Fairland, Randburg, eGoli, uNgqongqoshe wemfundo eyisisekelo uNksz Siviwe Gwarube uncome abafundi abayibambe ishisa kwaze kwayophela unyaka.

Ubebancoma ngesikhathi ekhipha imiphumela kamatric wango-2024 kulo mcimbi.

Ngokombiko kaMalusi bangu-880 209 abafundi ababhalisela leli kilasi ezikoleni zikahulumeni, kodwa bangu-810 900 abakwazile ukubhala izivivinyo zabo.

Related Articles

Back to top button