Umculi waseNkabi Records engozini enyantisayo
Phila Luthuli
USINDE ngokulambisa engozini yemoto umculi ongaconsi phansi kwabaningi, uXowla nongaphansi kweNkabi Records.
Izithombe zonyanyavu leBMW 4 series emhlophe asanda kuyithenga ngonyaka odlule zivela iphelile ngaphambili.
Ngaphambi kokuthi ishayise lemoto ibukeka iphaphalazile yaphuma emgaqweni yase iyozithela esihlahleni.
Okwamanje akukaveli ukuthi yenzeke kuphi nendawo le ngozi.
UXowla uthole imihuzuko kwathi uDJ wakhe abehamba naye waphuma engenamyocu.
“Izindaba ezithinta thina zigijima ukudlula izingoma esizikhiphayo, kodwa ke kulungile ngoba ngisaphila, ngingathenga enye. Impilo beyingeke ibuye, nansi imusic video yami entsha,” ubhale kanje uXowla emva kwale ngozi.

Umnike amazwi enduduzo uBig Zulu wathi akaqine konke kuzodlula.
“Khululeka mfana impilo eka nkulunkulu, imoto eyasemhlabeni. Qina konke kuzolunga ngeke wazi ukuth ukuze kulimale imoto beyivikani siyabonga ukuthi uphephile ungumfana omncane okhuthele. Kuningi osazokwenza asambe kumusic camp siyo kwenza into oyithandayo, usukhohliwe yini? Asibangene Stallion uthando lunye,” kududuza uBig Zulu.
NgoDisemba 28 uXowla wabhala ephejini lakhe ukuthi kunomuntu othi izomginqa le moto ngoba uyaphapha.
“Kuno mjita owakhomenta ngonyaka odlule ethi ngakhe amakhotheji mangilingisela ugogo Izindlu zakhe, kuthiwa usahlala esitolo namanje. Usekhomente kunumber 3 manje uthi ngiyaphapha mina izongiginqa lemoto.
Phela inkinga ngalomona wamanje, kuthiwa awsafihleki, bheka amacomment kumapost abantu abaphumelelayo uzowabona,”