Isesitokisini inyanga ‘ebulele’ isesheli sentombi yayo
Aphe Gcwabe
IGQUNYWE esitokisini inyanga yaseMtubatuba uKhulelani Ngubane (48) ngecala lokuthumba, ukushaya ngenhloso yokulimaza nokubulala.
UNgubane uvele kancane enkantolo kaMantshi ngoMsombuluko namadodana wakhe amabili uSihle Zungu (24) noMduduzi Ngubane (21).
Lamadodana abekwe icala lokuthumba, ukushaya ngenhloso yokulimaza.
Labasolwa kuthiwa bahilizisana nomufi uThandazani Mngomezulu (28) ngoba kuthiwe ushele intombi yenyanga ngomhla ka-14 Disemba ezitolo zaseQakwini ephuzile.
Lo wesifazane wamceba umufi ukuthi ubemshela, wadinwa wagana unwabu uNgubane namadodana wakhe bavukela kuyena ngakusasa.
Labasolwa bathumba umsolwa bayombophela esihlahleni nalapho bamnenebula khona kwaze kwangenelela amalunga omphakathi ekhuza ubulwane ababenziwa yilaba solwa.
“Emuva kokuhlala izinsuku esibhedlela eMpamgeni kwagcina kumanele ukufa umgilwa ngenxa yamanxeba nokulimala eyenakho. Kwabe sekushintsha idokodo kwaboshwa uyise namadodana wakhe. Abasolwa babuyela eNkantolo ngomhla ka-21 Januwari beyofaka isicelo sebheyili ngokusemthethweni,” kusho isitatimende samaphoyisa.
Ilunga lomndeni elingathandanga ukuzidalula kwabezindaba libike ukuthi umnewabo udlule emhlabeni ngomhla ka-1 Januwari.
“Okusiphatha kabi kakhulu njengoba bezwile ukuthi ingane ishonile bayajabula uhambe eshaya amahoot emgwaqeni, namhlanje siyamfihla ubhuti wethu akakaze eze efike nokuthi azosho okuthile okwenzeka, sibuhlungu kakhulu ngoba asinabani thina sashonelwa abazali sisele nezihlobo zethu kuphela
Singakujabulela ukuthi loludaba luze lufike kwabakhulu sithole ubulungiswa noma kungeke kumvuse ubhuti wethu kodwa sekuyoba ukuthi nathi izinhliziyo zethu zithobe,” washo kanje ngaphambi kokuboshwa kwabasolwa.