Izindaba

Ijaji ehlazweni lokuthumela umphambili ngoWhatsApp kwisisebenzi

INHLOKO yamaJaji esifundazweni sase-Eastern Cape uSelby Mbenenge yathumela umqhafazo eveza ubuntu obufana nezinwele zalo ezimhlophe.

Lowo myalezo wayewuthumela kunobhala ehhovisini lakhe u-Andiswa Menge.

Lokhu kuvezwe esithangamini sokuqondiswa kokuziphatha kwamaJaji lapho u-Adv Salome Scheepers ebepheka khona uMenge ngemibuzo.

UScheepers ebuza uMenge ukuthi wake wathumela yini umqhafazo kuMbenenge ngosuku lokubungaza usuku lobaba uthe:

“Yebo ngamthumela umyalezo futhi angithumelanga yena yedwa kodwa ngathumela kanye nakwamanye ama Jaji. Lolo phela kwaba usuku olubalulekile,” kusho uMenge.

UScheepers uveze ukuthi kukhona eminye imiqhafazo eyayithunyelwe uMbenenge ethumelele uMenge.

“Ngambuza ukuthi kungani abhale imyalezo aphinde futhi ayicishe ekubeni azi kahle ukuthi ngingumuntu ohlezi ematasa,” kuchaza Menge.

UScheepers uphinde wabuza ummangali ukuthi kungani wayezimisele ukuzibonela lemiyalezo ebiphinde icishwe nakuba uMbenenge wayesuke ethumelele imiyalezo engamukelekile?

“Bengifuna ukuyibona ngiphinde ngiyifunde ngoba vele inhloso kwakuwukuthi kufanele ifinyelele kimina ngiyifunde ukuze ngikwazi ukuyiphendula,” kusho uMenge.

UScheepers uphinde wabuza uMenge ukuthi wayezizwa kanjani emva kokuthunyelelwa izithombe ezingamulekile uthe:

Kulezi zithombe kukhona ubuntu beJaji kanye nevidiyo engumzuzwane etshengisa owesifazane nowesilisa besembhedeni.

“Kwangeza ngazizwa njengomuntu wesifazane oshibhile futhi okungathi anginasimilo. Kwavela ngokusobala ukuthi kukhona lapho eyengiholela khona ngokocansi,” kusho uMenge.

Lesi sithangami kulindeleke ukuba siqhubeke siphenye ibheshu.

Related Articles

Back to top button