Isilo sigubhe umkhosi Woselwa okokuqala
Bahle Mkhize
KUBE yimpumelelo ukugujwa koMkhosi Woselwa obugujwa okokuqala ngqa iSilo uMisuzulu esihlalweni.
Lo mkhosi ubugujwa esigodlweni esisha esiseMashobeni.
Isilo samabandla wonke uMisuzulu kaZwelithini sincome amagalelo amabutho, nabeseki besihlalo ngokuhlanza ubukhosi bukaZulu njengoba esekwazile ukusingatha uMkhosi Woselwa wokuqala ngqa.

“Bese kuneminyaka lo mkhosi womkhuleko wesizwe ungenzekile kwaZulu ngenxa yesimo esabhekana naso kuhamba iNgonyama. Namhlanje ngiyathokoza kakhulu ukuthi izinyanya ziwuvumele lo mkhosi. Bekungewona umsebenzi olula, odokotela ebesisebenzisana nabo bebengalali ukwenzela ukuthi lobu bukhosi bungafi. Niwubambe kahle umsebenzi ngiyathokoza,” kuphefumula iSilo.

Isilo siveze nokuthi lesi sigodlo esisha saseMashobeni siyikhumbuzo sesigodlo seLembe.
Ungangezwe lakhe uphinde wamemezela ukuthi isiyohlangana eMkhosini Wesikhumbuzo sempi yaseSandlwana ngesonto elizayo.
Umeme amabhungu aqeda kubuthwa ukuthi abe yingxenye yalo mkhosi ozayo endaweni engcwele.
Lo mkhosi odonse izinsuku ezinhlanu bewusekwe uMnyango wezeMidlalo EzobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal noholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula.