Kugencwe kwabulawa abahlanu eNanda
Aphelele Gcwabe
KUGENCWE kwabulawa abantu besilisa abahlanu elokishini laseNanda entshonalanga yeTheku ngoLwesihlanu ekuseni.
Lokhu kuvezwe isitatimende esithunyelwe inkampani yonogada Reaction Unit South Africa (RUSA).
Ngokwesitimende, ithimba lakwa Rusa elizinze Phoenix laziswe ngamalunga omphakathi obekukhona kubo nabafundi abaseduzane nesikole Inanda Newtown Comprehensive ngezikhathi zabo 6h:40 ekuseni.

Labonogada bebambisene nophiko labosizo lokuqala babe sebenikela endaweni yesigameko lapho betshengiswe khona abantu besilisa abathathu bedindilizile.
Labantu besilisa bebenezingozi zokulimala ekhanda futhi sekubenele.
Kuphinde kwavela ukuthi bekungenzeka ukuthi kukhona eminye imizimba esasabalele kulendawo evulekile.
Lokhu kuholele ekutheni kutholakale eminye imizimba emibili agenciwe.
Amaphoyisa abengakaphefumuli ngalesi sigameko okwamanje.
Ilunga lomphakathi elingathandanga negama libalekela ukuba yisisulu lithe liphume nobovu.
“Ngiqeda kudlula endaweni yesigameko kubi impela zidindilizile izidumbu ezinhlanu, kodwa phela bese behluphile emphakathini bengabadlwenguli. Bebeboshwa kodwa bephuma phambili emacaleni,”