Ezemidlalo

IPirates ikhombise ubuqhwaga ibhubhudla i-Al Ahly

ISIHLABANI se-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng uthi iqembu lihlale lidlalela ukunqoba.

Ubekhuluma ngemuva kokunqoba kwabo okuyingqayizivele emdlalweni weCAF Champions League la behlule khona i-Al Ahly ngoMgqibelo.

IPirates inqobe ngo 2-1 eCairo, yaqeda isigaba samaqoqo kuyiyo eqhwakele kuGroup C ngamaphuzu angu-14.

UMofokeng uvule inkundla ngegoli elikhombise ikhono nobuhlakani obuyinqaba.

UHussein El Shahat ulinganisile, kodwa uTshegofatso Mabasa waqinisekisa ukuthi iyadla eMnyama ngegoli alishaye umdlalo usuyophela.

“Sihlale sihlose ukunqoba ngalo uma sidlala,” kusho uMofokeng kwiSABC Sport TV.

“Bayiqembu elinzima, kodwa sisebenze kanzima futhi sathola umphumela ebesiwuhlosile.”

Uzwakalise injabulo ngokuwina eCairo, okuyinto eyivela kancane njengoba i-Al Ahly ilwa ngayo yonke indlela uma isekhaya.

“Bekuwumdlalo oyinselelo, kodwa sibonga uNkulunkulu ngokuthi sikwazile ukunqoba.

“Siyajabula ukuba phezulu kwilogi futhi sinqobe iqembu eliqine njengaleli,” kwengeza le nsizwa eneminyaka engu-20 ubudala.

IPirates iqede imidlalo yayo yamaqoqo ingazange ihlulwe nakanye. Emidlalweni eyisithupha inqobe emine, yadlala ngokulingana emibili.

Nokho manje yikhathi kuzoyishubela njengoba seyingena esigabeni somkhumulajezi la kucaca khona inkunzi ematholeni.

Ingase ibhekane nezimbangi ezinzima njengeMC Alger, ASFAR Rabat, Mamelodi Sundowns, noma iPyramids FC emzuliswaneni wokuqala wesigaba somkhumulajezi.

Lisenethini.com

Related Articles

Back to top button