Ezemidlalo

IChiefs iphendule amatafula sekuvalwe amehlo

UMfundo Vilakazi ubenikezwe umyalelo okhethekile ngesikhathi engena esiza iKaizer Chiefs inqobe ngeSonto ntambama.

Lo mdlali osemncane ungene ngesiwombe sesibili enikwe umyalelo onzima yithimba labaqeqeshi.

Umdlalo obuseMoses Mabhida Stadium la iChiefs beyibhekene neSekhukhune United, bewubukeka uzophela zibambene ngesikhathi kufakwa uVilakazi.

Lesi sihlabani saMakhosi siphendule amatafula, sasiza iChiefs ngokushaya igoli enqobe ngalo lo mdlalo.

Ngemuva komdlalo, iphini lomqeqeshi uKhalil Ben Youssef uveze iseluleko sakhe asinike uVilakazi ngesikhathi engena.

“Kufanele ngihalalisele abadlali. Benze konke ngendlela efanele,” kusho uBen Youssef.

“Njengasemidlalweni eminingi kule sizini, sakhe amathuba amaningi kodwa sibe neshwa lokungawasebenzisi.

“Ngesiwombe sesibili, sinqume ukungahlaseli budedengu njengakweminye imidlalo.

“Sivame ukungenelwa amagoli ngesiwombe sesibili, ngakho sikhethe ukuzibamba ziqine kulokhu.

“Umcabango bekuwukuthi uma singadedeli goli, ngeke sihlulwe,” kwengeza uBen Youssef, obebambele uNasreddine Nabi osamisiwe.

“Ngitshele uVilakazi ukuthi emdlalweni ofana nalona sidinga umuntu ofana naye ukuthi asukumele iqembu.”

Naphezu kwamathuba ambalwa akhiwe yilamaqembu, isiwombe sokuqala besingenalutho olutheni, kungekho qembu elilawula umdlalo.

Ngesiwombe sesibili iSekhukhune izithole ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu komdlali wayo.

UVuyo Letlapa ukhishwe ngekhadi elibomvu ngokudlalisa kabi uVilakazi ngesikhathi obezama ukuhlasela ngokushesha.

Nokho, iphutha lokuqala libonakale libandakanya uSibongiseni Mthethwa okunguye obekungathi udlalise kabi uLinda Mntambo.

Phezu kwalokhu unompempe ulibekele iChiefs ibhola, uVilakazi wazama ukuzumisa kodwa uLetlapa wamvimba kabi.

Kungekudala ngemuva kwalokho, uVilakazi ushaye igoli ngeshodi alidedele engaphandle kwebhokisi, lahlula uBadra Ali Sangare.

Ukunqoba kweChiefs bekungokwesithupha kule sizini kanti beyibuya endukwini yeGolden Arrows kuyo le nkundla.
Lisenethini.com

Related Articles

Back to top button