EzokungcebelekaIzindaba

Kudutshulwe kwabulawa oDJ ababili ngempelasonto

Bahle Mkhize

Umphakathi waseTembisa, Ekurhuleni, usemanzini amnyama kulandela ukubulawa koDJ ababili abadumile endaweni.

Labo DJ babulawe ngokudutshulwa ezigamekweni ezahlukene kule mpelasonto esiphuma kuyo.

ULuthando “Thindas” Mzolisi Jama udutshulwe wabulawa ngoMgqibelo ntambama kwathi uKagiso Paul Modiba wadutshulwa izihlandla eziningi ntathakusa ngeSonto.

Lezi zigameko zenzeke ezigamekweni ezahlukene kodwa khona endaweni nokuyinto esilethe ingebhe emkhakheni waqeda isizungu.

Kusukela ngeSonto imiyalezo ezwelana nemindeni ilokhu ingene njalo.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi uphenyo luyaqhubeka kuwona womabili amacala izizathu zokubulawa kwabo bezingakaziwa.

Ukubulawa koDJ nabaculi kuleli sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba, kumanje icala lokubulawa Oupa Sefako lisenkantolo nalapho kwaboshwa abasolwa abane mayelana necala.

Lo DJ nonogada bakhe ababili, uSibusiso Mokoena noSandile Myeza, badutshulwa babulawa ngamadoda angaziwa.

Kwenzeka lokhu ngesikhathi behamba ngezimoto zabo mhla ka-20 November 2022, ekhoneni likaWoodmead noWoodland eSandton, eGoli.

Abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-45 no-60 bavalelwe esitokisini ngoMsombuluko ntambama, ngokusho kwaBrigadier Athlenda Mathe, okhulumela amaphoyisa kuzwelonke.

UMathe uqhube wathi isibhamu esasetshenziswa ukubulala u-DJ Sumbody yisona kanye lesi esasetshenziswa ekubulaweni kukanjiniyela waseVereeniging u-Armand Swart.

Related Articles

Back to top button