
Selivelile izwe elidle umzila weSA kwiG20
Sihle Mkhize
Umzila weNingizimu Africa kwiG20 ugcine idliwe yizwe lasePoland njengoba iMelika kwiyiyo ezosingatha le ngqugquthela yamzwe.
UMengameli waseMelika uTrump nguye ovalele ngaphandle uMzansi eziseka nangokuthi elakuleli alifanelwe isihlalo phakathi kwamazwe acebile emhlabeni.
Ngokuka Nobhala wase-Melika uMarco Rubio, uthe iWashington yiyo ekhaphele iNingizimu Africa.
Njengoba sekufakwe iPoland akucaci ukuthi ngabe isiyingxenye yeG20 ngokusemthethweni yini noma izoba isimenywa nje.
URubio uthi iPoland yehluke kakhulu neNingizimu Africa ngoba ikhombisa ukuphokophela phambili ekukhuliseni umnotho.
“Sizomema abangani, omakhelwane nabalingani kwiG20. Sizokwamukela amazwe acebile nesidlelana nabo etafuleni laseMelika. Ikakhulukazi iPoland izwe eliphuma ebunzimeni kodwa manje libalwa namanye angu-20 anomnotho okhulayo.
“Aabantu abangena ezicathulweni zikaMandela basuse ukubuyisana bafaka imithetho yokuthathela abantu umhlaba. Lokho kwehlisa ugqozi kubatshali zimali kuphinde kubalekise abantu baseNingizimu Arica abanamakhono. Ukucwasana kuwabulele amabizinisi kahulumeni ekubeni nenkohlakalo idla lubi,” kusho uRubio.
UMnuz Vincent Magwenya okhulumela uMengameli uthe bazolinda iWashinton ukuthi ithathe izintambo kwiG20 ngo-2027 lapho bezokwazi ukuxoxisana ngezinkinga zamazwe.
UMagwenya uthi ukunyundela iUS G20, Magwenya kungaba yinto engeyinhle futhi iNingizimu Africa ayifuni ukufaka unyawo lwedada ngoba ingamenyiwe.
“Asifuni ukwenza lokho, asibona abantu abanjalo, akuzosisiza ngalutho lokho,”
Uthi abafani noTrump owazama ukunxenxa amanye amazwe ukuthi anyundele iG20 eGoli, uRamaphosa akakuthandi ukuzibandakanya ezintweni ezingasile.



