Izindaba

Obexakwe izinkinga zaDecember uziphonse kwiloli

Liyah Mseleku

Owesilisa obesexakwe impilo ukhethe ukuzifaka ngaphansi kweloli waqeda ngempilo yakhe.

Lesi sigameko esithuse abaningi senzeke emgaqweni uR102 uma wehla ngawo maqondana nezindawo zokuhlala eCornobia.

Ngokomshayeli weloli elihlophe iFUSO uthi bekunendoda ebilokhu imile eceleni komgwaqo ngaphambi kwesigameko.

Uthi ngesikhathi iloli lisondela lo muntu ugijime waqonda ngqo kulo, ngaleso sikhathi umshayeli ubesengasakwazi ukubamba amabhuleki.

Lo muntu ozibulele ubegqoke okumvala ubuso engagqoke lutho ezinyaweni.

Abahlali abaseduze nale ndawo batshele onogada benkampani beReaction Unit South Africa ukuthi le ndoda ibilokhu imile isikhathi eside eduze komgwaqo ibheka imoto ebingaziphonsa kuyo.

Le ndoda kutholakele ukuthi ife ujuqu endaweni yesigameko.

Khonamanjalo kudunwe iloli ebelithwele amafriji e-Adams Mission, eThekwini.

Leli loli kuthiwa beligcwele phama lisuka eDurban North ngo-5 ntambama.

Umshayeli nomsizi wakhe bekumele bayothulula le mpahla.

Ngesikhathi iloli lisondela ukuzothulula izimpahla abagilwa bavukelwe amadoda abehlome ezingovolo.

Abasolwa babaphoqa ukuthi behle neyigcinwe ibonakala ibheke eFolweni.

Umthwalo ontshontshiwe kubalwa amafriji anezicabha ezivuleka ngapha nangapha kwaDefy noHisense.

Ngokuhamba kwesikhathi iloli litholakele kodwa umthwalo dololo.

Related Articles

Back to top button