
Udilikajele kodlwengule esinye isiboshwa
Philasande Luthuli
Iziphathimandla kwezomthetho kuleli zithi ncinci kaMjoli ngokuphuma kwesigwebo sadilikajele kowesilisa (57) ovele odonsayo ejele.
Lesi siboshwa sigwetshe udilikajele eGrootvlei Correctional Centre ngecala lokudlwengula esinye isiboshwa.
Lesi sigameko senzeka ngomhla ka-30 January 2024, lapho ummangalelwa, uThabo Samuel, owaziwa ngelika-“15”, ebhekene nesiboshwa esineminyaka engu-20 ubudala.
Asipholisanga maseko isisulu sabikela abaphathi bezamajele ngesigameko, kwabe sekuvulwa icala esiteshini samaphoyisa eBloemspruit.
Umseshi uSergeant Gloria Tsubane wophiko lwezodlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ezocansi eMangaung (FCS) uhole uphenyo.
Ngokusebenzisana neNational Prosecuting Authority (NPA), kwethulwe icala eliqinile enkantolo.
USamuel watholakala enecala lokudlwengula futhi wagwetshwa udilikajele.
Amaphoyisa ancome isibindi sesisulu ngokubika ubugebengu, kanye nokuzinikela kwamseshi uSergeant Tsubane kanye nethimba le-NPA.
Bathi lesi sigwebo siyisikhumbuzo sokuthi ubugebengu obenziwe ngaphakathi ezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo buzophenywa ngokugcwele futhi bashushiswe.
Khonamanjalo, usekude ukubona ilanga uthisha wezibalo waseBizimali High School, KwaNgono, eNkandla, olahlwe yicala lokudlwengula itshitshi elaliphuma eMkhosini woMhlanga, eminyakeni emibili edlule.
USiboniso Dlomo (34) ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseNkandla.
Ikhipha isigwebo imantshi, ithe uSiboniso akafanelwe wukugcinwa phakathi kwamalungu omphakathi, ikakhulu izingane.
Lesi sigameko senzeka ngoSeptember 2023.
Uyise wesisulu wafonela uSiboniso, emcela ukuba amthathele indodakazi yakhe, ayibeke emqashweni eyayihlala kuwona ngenhloso yokusondelela isikole.
Kuthiwa wavuma ukuthatha isisulu, kodwa wangasiyisa lapho siqashe khona, wayosinukubeza ngokocansi.
Isisulu singumfundi esikoleni ayefundisa kusona.
Isthangama sezindaba



