Sekunjalo iDundee July isobozela kwasani ngobumnandi
Sihle Mkhize
UMA usedolobheni laseDundee ngaphansi kwaMasipala iNdumeni ubheke kwiDundee July ufica ujenga lwezimoto ziphikelele khona.
Amaphoyisa nabaqaphi bathe cithe saka bakusesha bese uhamba ibanga elingango 1.2 kilometres ukuze ufike endaweni yesigameko.
Uma uza neno ukhangwa ama Marquees amakhulu amhlophe qwa la kwakuyi Dundee Airport khona. Lonke uhlobo lwezimoto lwesimanjemanje lupake kule ndawo, ezincane nezinkulu.
Izwi lika-Joe Hludla wodumo kwezemidlalo oKhozini FM liqhuma phezulu kwazise uye omemezela umjaho wamahhashi.
Iningi nokho liwuhloniphile umbala wosuku African Jewellery njengoba zonke zihlobe ngombala omnyama sagolide. Bakhona labo ababe oskhwili phambana nobhoko njengokuyo yonke indawo.
📸: Motshwari Mofokeng
Asetelebelile amahhashi abagitshelwe amaklumela, kusabhekwe osingaye ngokuhamba kosuku.
Lo mjaho udonse bonke abantu abaqhamuka nangaphandle kwaseNingizimu Africa.
Le ndawo yaseDundee inomlando onothile ikakhulukazi wamalahle.
“Sinazo nathi izinkinga njengazo zonke izindawo ikakhulakzi amanzi, ugesi nezindlu. Okubi kakhulu ukutshontshwa kwemfuyo. Kokunye siphephile kusukela ngonyaka ka-2005 yaqala lento, iSilo esibuzile sagcizelela ukuthi asisebenze umhlaba. La eMzinyathi akukho esingaphila ngakho ngaphandle komhlabathi. Amapayipi amanzi eMsinga, Mvoti naseNquthu akhona. Emsinga kunabantu abakha amabullet proof kubanantu abadayisa ubusi nokunye,” kusho uPetros Ngubane oyimeya yaseMzinyathi.
Lo mcimbi ungowesihlanu uqhubeka kanti kubangwa isizumbulu sika-2 millions, kugcwele abantu abakuwo wonke amazinga ikakhulukazi omtakabani kanti nengqephu idla umunyu.