Izindaba

Usenuka iqaqa uNgizwe kwamanye amabhinca

OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM uNgizwenkosi Mchunu uthi akaxabane nomsunguli weMK Party uJacob Zuma.

UMchunu ubephawula njengoba esanda kugxekwa ezinkundleni zokuxhumana ilabo abazibiza ngokuthi Amabhinca.

Bamsola ngokungameseki uZuma ngesikhathi ekhakhansela iqembu lakhe elifike lagila izimanga okhethweni lukazwelonke.

Amabhinca athi ayelindele ukuthi uMchunu aphumele obala ngokweseka uMsholozi kwazise lo sopolitiki owake waba umengameli wezwe, umeseke ezikhathini ezinzima uMchunu eboshelwa ukususa uthuthuva lezibhelu zokupata.

UMchunu wabalwa nabanye ekuthiwa babebhethekisa uthuthuva ngo 2021 lapho kwashona khona abantu kwacekelwa phansi nezitolo.

Lezi zibhelu zadalwa ukuboshwa kukaZuma kulandela ukudelela umyalelo wenkantolo wokuthi makaye ukuyofakaza kwiCommission of Inquiry eyayiphenya ngokugwamandwa kombuso.

UZuma wayesolwa ngokuphisana ngamathenda amakhulu kumndeni wakwaGupta.

“Angisoze ngaxabana noNxamalala. Ngike ngabamba umhlangano naye lapho besidingida ngezinto ezijulile. Siyahloniphana kakhulu naye njengoba engumkhaya wami eNkandla,” kusho uMchunu.

Ngaphambi kokhetho uMchunu ubambe imihlangano isinyenyela nomengameli wezwe uCyril Ramaphosa noNobhala we-ANC uFikile Mbalula.

Uthe wakhetha ukuyophuza nalezi zikhulu eziqavile ze-ANC ngoba :“Yibona bantu abakhombise ukungeseka ngesikhathi ngidinga usizo. Ngithemba ukuthi kungekudala uRamaphosa noMbalula bazonekela izwe ngalokhu esasibhunga ngakho kuloya mhlangano,” kusho uMchunu.

 

Related Articles

Back to top button