Izindaba

Umsindo ingane kaNkosazana Daughter ikhonjwa kubaculi abehlukene

Kwande kaZikiza

UMCULI wamaPiano uNkosazana Daughter usegxeke umethuli wePodcast edumile uMacgyver “MacG” Mukwevho ngokufafaza amanga ukuthi uthandana noSir Trill noMaster KG.

UMacG uveze kwiPodcast ukuthi usanda kuthola ukuthi uSir Trill akayena uyise wengane kaNkosana Daughter.

UMacG uqhube wathi uzwe ngomngani omkhulu wale nkosazane ukuthi uyise wengane uMaster KG.

Uzakwabo kaMacG uSol Phenduka naye unezezele ngokuthi hleze ukwenziwa kolibofuzo ikhona okudale ukuthi uSir Trill noNkosazane Daughter bahlukane.

UMaster KG uzichithile lezi zinsolo wathi lo mculi umthatha njengisisi wakhe.

UNkosazane Daughter udinwe wagana unwabu wanikela ku-X, obudume ngoTwitter waveza ilaka lakhe.

“Njengoba ngangishilo ekuqaleni mina no Master KG siyasebenzisana nje kwaphela. Iyahlupha le nto yokuthi kunabantu abafuna kwenzeke ngendlela abacabanga ngayo.”

Uqhube wathi ubona ukuthi uMacG ufafaze amanga ngoba enzela ukuthi iPodcast yakhe ibukwe kakhulu ukuze ezokwenza imali.

Uthe iyamkhathaza le nto yokuthi amaciko esifazane abukelwe phansi, acatshangelwe zonke izinto ezingasile.

“Kuyishwa nje ukuthi awuwazi umfutho esiwufakayo emsebenzini yethu esithe. Manje ngoba ngingumuntu wesifazane ubona ukuthi ngilala naye. Iyanyanyisa le nto yakho. Sinemindeni nayo eyibukelayo yonke le nto eniyishoyo ngathi.”

Lo mculi onezwi elimtoti ufike kwezwakala ekhipha i-albhamu enezingoma ezingu-14 epike o-DJ abanohlonze njengoMaphorisa, Makhadzi, Master KG, Kabza de Small,Tyler ICU, Major League DJz, Young Jonn nabanye.

Izingoma zakhe ezithandwayo ngezithi Ring Ring, Uthingo Le Nkosazana, Uzongenzani, Amaphutha nezinye.

 

Related Articles

Back to top button