Isematheni eyezinsolo zomjolo kaBae waDJ Zinhle
ISASEMATHENI ekaMurdah Bongz osebudlelwaneni noDJ Zinhle okuthiwa ujola nesitshudeni.
Lamahebezi adalulwe ozibize ngokuthi unguLulu Mol ku-X, obudume ngokuthi uTwitter, ofake ivideo kaMurdah Bongz enandisa, wase ewulandelisa nombhalo othi
“One thing I like about this guy…he loves my roommate at varsity more than the gogo…the gifts we get”
“Into engiyithanda ngalo mlisa….indlela athanda ngakhona lo engihlala naye evarsity kunogogo….izipho esizitholayo Siyabonga.”
Lo mbhalo ususe okukhulu ukhuluma ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye bebekhombisa ukwethuka ukuthi kungabe uMurdah Bongz ujolela u-DJ Zinhle ekubeni baningi abantu abahlale bebancoma ngokuthandana kwabo.
U-DJ Zinhle unengane nomrepha osashona u-AKA kanti uMurdah Bongz unokubonakala eyinameka ezithombeni kujatshuliwe.
Ozibiza ngo @2022AFRICA uthe “uma lento iyiqiniso manje kungani ube isiphukuphuku ngoba phela manje uzokwenza umngani wakho kanye nawe ningabe nisazithola izipho zamahhala. Uyazibona kodwa ukuthi uyisidumdum kanjani?
Omunye ozibize ngo @ ADS-ZAR uthe “manje kungani umpimpe u-room mate wakho. Buka manje angeke esasithola isikhwama ngoba wena unomlomo omanzi. UGogo akayindawo –roomate wakho lowo indawo yakhe izothathwa omunye noma inini
Kuvela la mahlebezi omjolo kaMurdah Bongz nje, ngenyanga edlule u-DJ Zinhle umthusile emthengela unyanyavu lwemoto i-1965 AC Cobra njengoba ubezogubha iminyaka engu-37. Lo mculi yena ubesanda kuthengela le nkosazane yaKwaZulu-Natal ngendandatho ngenhloso yokumshintsha isibongo abe ngowakwaMohosana.
Lezi zithandani azikaze zithi vu ezinkundleni zokuxhumana selokhu kuputshuke le ndaba yomjolo kanti kuzobhekwa ngelokhozi ukuthi bayisingatha kanjani le ndaba.