IQueen Modjadji kuMzansi Magic igabe ngobuso obusha namatoho
Sane Mseleku
USUKU lwangeSonto ngeke lusefana kuMzansi Magic njengoba kuqale idrama ebilindelwe ngamehlo abovu iQueen Modjadji ngo-08:00 kusihlwa.
Sebengaqala ababukeli ukuqoka iSonto njengosuku lokufunda ngomlando wakuleli, ngendlela ethokozisayo.
Kunezizathu eziyisithupha eziqguqguzela ababukeli ukuthi bayithakasele ledrama ekade yalindwa.
Isizathu sokuqala #1 Izoveza indlela okuphilwa ngayo amasiko ifundise iphinde isikhanyisele ngenkathi yamanje nekusasa.
UMzansi Magic awuzange kuphela nje ufundise ngomlando wakuleli kodwa iQueen Modjadji Production ivule namathuba omsebenzi angaphezulu kwa-600.
Emphakathini kuvuleke amathuba, emisebenzi yezandla, okubalwa ukudatiswa kobuhlalu, izithelo nokunye okuningi.
Izindlu zotshani ezibonakala kulo mdlalo, zenze ushintsho olukhulu kumnotho wakuleli.
#2 I-Africa ibusiswe ngezinkolo kanye namasiko amaningi ahlukahlukene okumele ahlonishwe ngokulingana.
Lo mdlalo uzohlanganisa umlando wakuleli kanye nomlando wokuzakhela ozofundisa nokubaluleka kobumbano emphakathini.
#3 IQueen Modjadji uhlangene noMzansi Magic uqinisekisile ukuthi kuzozwakala izilimi zakuleli ezahlukahlukene.
Abadlali bakhethwe ngokukwazi ukukhuluma ulwimi lweKhelovedu baphinde baqeqeshwa ukuthi bakhulume lolu lwimi ngendlela ekuyiyo.
Faka izibuko makungenzeka ngoba amehlo ethu azobe ethe njo kwizitoliki, njengoba iKhelovedu kuwulwimi oluzimele.
Iningi lamagama ababukeli bazowaqonda zisuka. Lindela ubumnandi njengoba uzobe ufunda ulwimi olungajwayelekile.
#4 Ubani ongathandi ukubona ubuso obusha kumabonakude? Ekukhuliseni abadlali bakuleli, iQueen Modjadji izoba nobuso obahlukahlukene obusha nobujwayelekile kumabonakude.
Makukhulunywa ngento odalelwe yona kushiwo kuMasutang Hope Rasekele owayeqashelwe ukubhala, wathuka esethola nendawo kaDzugundini (Indodakazi yeNkosi yemvula kanye nomama waQueen Modjadji).
UMakoma Mohale ojwayelekile kuthelevishini udlala indawo kamlingisi ophambili kuMaselekwane (Queen Modjadji). Mudi Mudau, Helen Lebepe, Sipho Ndlovu, Wiseman Zitha, Aubrey Mmakola, Ngelekanyo Ramulondi, Priscilla Raboroka, Putla Setlapelo, Thabo Bopape, Candy ‘TsaMandebele’ Mokwena abanye babalingisi abakhona kulo mdlalo.
Umlando onjengalona walo mdlalo iningi labalingisi liyawuqala kodwa mekuphoqa ukuthi balingise ngendlela eseqophelweni eliphezulu, ukwenza ababukeli bahlale belangazelela isiqephu esilandelayo.
#5 Ingxenye ka-29% kubaqophi bomdlalo iQueen Modjadji abesifazane. Omunye wabesifazane osikhumbuza ngendima neqhaza labesifazane lansuku zonke uQueen Modjadji uqobo, owakha isizwe sonke.
UQueen Modjadji okwazi ukuqoqa amafu abize imvula, noqinisekisa ukuphumelela kwabantu bakhe. Lo wesifazane uyikhanda, unamandla nobuhlakani emlandweni wase-Africa.
#6 Phakathi kwengqephu yeSintu eyenziwe ngokucophelela kahle (kubongwa kuSimphiwe Zulu), abalingisi abazimisele, kanye nomdlalo oseqophelweni omusha iQueen Modjadji asingabazi ukuthi uzoba undabu zekwayo kuleli.
Siyacela nibuke ngomqondo uvulekile, niphinde nizibandakanye kwizingxoxo #QueenModjadjiMzansi kwizinkundla zokuxhumana Facebook, X, Instagram noTikTok.
IQueen Modjadji izodlala njalo ngesonto ngo 20:00 kusukela ngomhlaka 14-Julayi kuChannel 161 Mzansi Magic.