
IHilux GR-Sport ishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa
Sihle Mkhize
SEKUYINTO okumele abantu baseNingizimu Afrika bayamukele ukuthi ukuze ukwazi ukuthenga iveni elisemgangathweni kumele ube nemali ecela esigidini.
Phambilini iveni bekuyimoto engathathelwa phezulu kukhulunywa ngayo kuphela uma kuzothuthwa impahla.
Namuhla iveni seliyishiyela kude imoto encane kusuka ekwazini ukumumatha umthwalo othe xaxa wempahla.
Isikhala sikhona, ukuvuleka ngemuva nangaphambili, nokubhekana nazo zonke izimo zomgwaqo.
Umbango oshisha phansi emkhakheni wamaveni bawuthathe bawubeka kwelinye izinga kwaToyota ngokuthula iHilux GR-Sport.
Ihlukile emavenini akhona emakethe kusuka phansi kuya phezulu.
Ngaphambili bayixine ngegrille emnyama sucu eyengeza ubuhle nokugcwalisela ukuba yisport.
Phakathi negrille bayithe chwa ngebheji leGR eliphahlwe ngamalambu ohlobo lweLED nawenkungu okuthi uma esekhanya ukwazi ngisho ukucosha inaliti.
KwaToyota bayihlukanisile inkunzi ematholeni kule ngqovungqovu yeGR -Sport.
Lolu phawu alugcini nje ngokuba ngaphambili kodwa ngemuva kubin ohlangothini lwangakwesokudla balwenze lwagqama.
Uma uzoyibukela kude ngeke ngakusola uma uyiphambanisa namanye amaveni.
Uma ususondela eduze ukhangwa ugqinsi lwamasondo angu-265/65R17 akhelwe ukubhekana nemiqansa engakhwelwa mbongolo.
Ngaphezu kancane kube nama sport bar, ngaphakathi isakhiwo sayo akubuzwa ukuthi iphuma emndenini wakwaToyota.
Izihlalo zigqize ngophawu lweGR nestitch esibomvu zohlobo lwe-Alcantara.
Okuqaphelekile ukuthi izihlalo zakhiwe zavuleka okwenza zikubambe zikugomothele ngisho noma ngabe ihubuluza ngaliphi ijubane.
IStitch esigqize ngombala obomvu sihamba size sifike esiteringini naso esinophawu lwe-GR-Sport.
Njengoba iwuhlobo lweSport nemibala yayo ihambisana nayo njengomnyama sucu obizwa nge-Attitude Black.
Ikhona neminye imibala ekhangayo njengobomvu tebhu obizwa ngo-Arizona, uGraphite Grey, noGlacier White.
Ingaphakathi liphelele
Okuqaphelayo ukuvuleka kwayo ngaphakathi, ngaphambili nasezihlalweni zangemuva.
Ilishiyile igabade, ngaphakathi ukhangwa izihlalo ezigqize ngophawu lweGR-Sport.
Isihlalo somshayeli siyakwazi ukuma ngendlela ezohambisana nomshayeli.
Konke kudashboard kwenziwe kwaqondana nomshayeli okwenza kungabi lula ukususa amehlo emgwaqeni uzama ukucinga amabhathini.
Amaphedali ayi-aluminium kanye nomata abanophawu lweGR ngezinye zezinto ezithatha amehlo kule Hilux.
Isireringi simbozwe ngesikhumba futhi uyakwazi nokulawula okuningi kwemoto kuso njengomsindo weradio.
Okunye okuqaphelekile ukuthi ziyinsanda izindawo zokubeka izinto ngaphambili njengezinkomishi.
Indawo yokuphumuza ingalo i-armrest ayisiqedi isikhala phakathi komshayeli nephasenja.
Iscreen sangaphambili sikwazi ukukukhombisa ukuthi uphethroli osele uzohamba ibanga elingakanani.
Ngezansi kwe-screen kunamabhathini okulawula i-airconditioner.
Akukho okukhulu okushintshile uma uyiqhathanisa neLegend uma kuziwa emgwaqeni.
IScreen sihambisana nekhamera yangemuva eyenza ukupaka nokuhlehla kube lula kwazise inkunzimalanga yemoto lena.
Iphuma ne-infotainment system ehambisana ne-Apple CarPlay ne- Android Auto.
Emgwaqeni ovulekile nasizintabeni iyabambelela, amandla enjini angu-165kW kanye no550Nm.
Iphuma nogearbox odonsa ngamagiya ayisithupha, 6 speed automatic olwazi ukuyishayela ngezindlela ezihlukene ezintathu.
Ungakwazi ukuyinika amandla ngokuyithatha uyibeke kuSport Mode.
Yize inkulu injalo kodwa izithobile kudizili ngoba ngebanga lika-100km icaphuma amalitha angu-8.5 ngo100km.
Kwezokuphepha iphuma nama airbag angu-7 iToyota Safety Sense, i-Adaptive Cruise Control, iLane Departure Alert, i Pre-Collision System.
Okunye okutholakala kule Hilux i-ABS, iVSC, EBD, Hill Assist Control (HAC) neBrake Assist.
Ingaphandle nengaphakathi layo awukwazi ukuliziba ngoba kuningi okusha kusuka kobhampa bangaphambili, igrille yangaphambili iG-mesh.
Ukuphakama kwayo bakunyuse ngo-20mm.
Umsakazo wayo uphuma nezipikha zohlobo lweJBL amashock absobers angu-46mm ayilekelela ukuthi ikwazi ukunamathela emigwaqeni ewubhuqu nasezintabeni.
Izihlalo zayo ezintofontofo zenza ungaluzweli uhambo.
Akukho lapho ungazithola usutibula khona ezintabeni ngoba ine dual range 4×4 kanye nerear diff-lock.
Intengo: R999 000
Injini : 2.8-litre GD6, 4-cylinder turbodiesel engine
Amandla: 6-speed automatic transmission,
165 kW, 550 N.m
Ihambisana newarranty yeminyaka emithathu okanye ibanga lika 100 000km