ILadies House namanyundululu kasomabhizinisi wesithembu okhale “mi” oKhozini FM
Phila Luthuli
SEKUVELE okushaqisayo ngosomabizinisi uNhlanhla “Mabhodisa” Mthembu osolwa ngokukhala izinyebezi zengwenya oKhozini FM.
UMabhodisa ubebhodla ohlelweni iVuka Breakfast Show ekuseni njengoba kuyinyanga yamadoda.
Abaningi bazwelane noMabhodisa njengoba ubekhuluma aze akhale “mi” ebalisa ngokuboshwa unkosikazi wakhe omncane.
Uvumile ukuthi wadonsa ipayipi lamanzi ngelinye ilanga wabashaya nonkosikazi omdala njengoba eganwe isthembu.
Unkosikazi omdala yena akalivulanga icala.
Akhala ngakho kakhulu ukungena kugamanxe umkhwekazi ezindabeni zomuzi wakhe.
“Saba nomhlangano sahilizisa ngakusasa wafika namaphoyisa sebezoqoqa izimpahla ngaboshwa. NgoLwesithathu ngaboshwa ngavela enkantolo ngoLwesine, uma kuthiwa alisulwe icala umkhwekazi athi ungidinga ejele. Ekhuluma emuva kwamakoti. Ngibone ukuthi impela angisadingakali. Ngicela umkhwekazi aphume ezindabeni zami,” usho kanje echiphiza izinyebezi.
Lithe lingakoshoni elango Msombuluko ipage labesifazane kuFacebook iLadies House labe lindiza phezulu igama likaMabhodisa.
Owesifazane ozichaze ngoBongeka Dandala uthe: “Guys uyazikhalisa loya bhuti uma ngingase ngikhulume kungasa emini.”
Ube eseqhubeka waveza isithombe asichaze njengesamama omkhulu, uvele enemivimbo yokushaywa engalweni.
Omunye olifihlile igama lakhe kwiLadies House ubhale kanje:
“Seningakhuluma nje kodwa thina esimaziyo uNhlanhla siyamazi ukuthi ungumuntu onjani lengane encane eyeDeco, samdabukela nje umamncane engena kulesi sithembu emncane nakangaka. UNhlanhla yindoda ehlukumezayo ayi kancane. Ngolunye usuku uyokhipha isidumbu kubafazi bakhe . Ngesikhathi usisi kaBabes uNondu Simelane ephuma kulesi sithembu wakhala ngenduku and ppl said she’s bitter. Mamncane sizwelana naye ngoba uNhlanhla personally ngiyamazi. Thina abanye sincamela khona ukuzondlela kona ukuzondlela izingane zethu sizifundisele zona since engondli,”
UMabhodisa uvumile ukuthi wafica unkosikazi wakhe omncane edakiwe wamshaya edinwa ukuphuza kwakhe utshwala.
Uphinde asole amakhosikazi ngokuzama ukucekela phansi ibhizinisi lakhe lokufaka amakhabethe.
Uthi bantshontsha amakhasimende wakhe bawayisa kwibhizinisi la nkosikazi wokuqala.
Uqhuba ngokuthi untshontshelwa inkampani nje nezisebenzi zakhe besezimqothule zamqeda izizumbulu okumanje usalwa nokuzibuyisa.