Izindaba

Ukomunye umshikashika owaxoshwa uKhozi FM esolwa ngokuqola

Bahle Mkhize 

BABABAZA isibindi sowayengumsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi, onxenxa abantu bafike emcimbini ohlanganisa osomabhizinisi.

Abantu bababaza nje, abakhohliwe izimali abathi baqolwa zona uButhelezi.

Umndeni wakwaMsibi, eNquthu, enhla nesifundazwe saseKZN waphumela obala ukhala ngokuqolwa uButhelezi isamba semali engango R600 000.

UButhelezi owayesakaza uhlelo olwaluhamba phambili ngesibalo sabalaleli Indumiso ubhale kanje kuFacebook wakhe:

“From the 1st September 2024 to the 7th September 2024, we are in DURBAN, we coming with Great Business and Intellectual Minds. During the day from 10h00 to 14h00 Business Matters, from 18h00 to 21h00 Indumiso and dynamic Talks. JOBURG: 08 September 2024 to 14 September 2024. Poster with all the details will be released in fifteen days. #ABOMBUSORoadToRecovery #KINGDOMfinances #GLOBALPartnerships,”.

Ube esevala indawo yokuphawula.

Phambilini lo somabhizinisi wayenxenxa abantu ukuthi abafake izimali zabo enkampanini yakhe Abombuso Investment ukuze bahlomule ngokuphindaphindiwe.

Nokho, izithembiso eyezenza kubantu wayehluleka ukuzifeza.

Lokho kwamakhela amazinyo abushelelezi kubantu nesigcwagcwa kubaqashi bagcina bemkhiphe ngesango.

UKhozi FM lavala isikhala sakhe ngoZanele “Mazet” Mbokazi naye ongasazwakali emoyeni ngenxa yokuxinwa ukugula.

Abagilwa bagcina befuna usizo lweSikebhe okuyithimba elivamise ukugada ubugebengu nelithelana isibhaxu.

“Ningavumi ngani futhi, nqabani ngani. Balekani ngazo zombili. Uzonigoqa anigoqe, uShenge lo,” kubhala uSnothile ezinkundleni zokuxhumana.

“Igama lakhe ulimoshile angeke bamethembe abantu” kubhala uSabelo Mnguni.

Related Articles

Back to top button