OwoKhozi ezinsolweni ezimbi zokuphihliza isithandwa ngebhodlela
Liyah Mseleku
SINGENE ehlazweni isilomo somsakazi woKhozi FM uSiya Mhlongo ngezinsolo zokuthi siphihlize “isithandwa” saso ngebhodlela lotshwala ekhanda ngenxa yokugajwa isikhwele.
Ngokubika kweLANGA uMhlongo usolwa ngokushaya owesilisa igama lakhe eligodliwe besemotweni yomsakazi kubuywa ebumnandini ngoLwesihlanu ezintathakusa.
Ngokusho kowesilisa “othandana” noMhlongo kuthiwa indaba isuswe ukuthi kuthe uma esevalelisa komunye wabangani wathi “mncwa mncwa”.
Uthe lo mngani uyazwana noMhlongo futhi ubengacabangi ukuthi lokho kungaba inkinga.
Elandisa uthe isimo sishube ngesikhathi sebesemotweni uMhlongo wayipaka wase embuza ukuthi ubeqondeni ngokuthi athi “mncwa mncwa” kuloya mngani, okuthe uma esathi uyachaza wezwa ngebhodlela selikhala ebusweni waze wopha.
Akugcinanga lapho njengoba lo msakazi egibele phezu kwakhe emshaya ephindelela emotweni.
Umgilwa uthe kungenelele abantu abebedlula ngemoto bafike babuza ukuthi kubangwani, uMhlongo waqamba amanga wathi umgilwa ubefuna ukumephuca imoto.
Uthe laba bantu bamyabulile bamshaya wasizwa ukuthi azichaze ukuthi ungubani base bamyeka.
Kuthintwa uMhlongo ukuthi aziphendulele uthe: “Kwangiphinda-ke lokho okwangenza eminyakeni emibili edlule kuthiwa ngidlwengulile kanti kudlalwa ngami. Mina ngiphucwe imoto yami ngalesi sikhathi okhuluma ngaso. Ngicabanga ukuthi laba abebengiphuca imoto bamlimazile lona ebengihamba naye,”
Ebuzwa ngobudlelwane bakhe nowesilisa uthe bangabangani kodwa wangaphika uma iphephandaba limtshela ukuthi bake bathandana ngo-2000 babuye bahlukana ngo-2001, manje besebezama ukuvusulela uthando.
Ushone ezintangeni ngesikhathi ekhonjiswa ama video. Lo msakazi odabuka eMpangeni ushayela uhlelo lwansuku zonke oluthi Ubusuku Obuhle olungena ngo-8 ebusuku luphele phakathi kwamabili. Phambilini wayesebenza kuP4 Radio osekuyiGagasi 99.5FM. Uke wathi xhinti kuMetro FM enza uhlelo lwe gospel ekuseni noThami Ngubeni.