UDJ Fresh akazomzilela unina wezingane
Bahle Mkhize
UZOZILELA umama wezingane zakhe ngokuqhubeka aklwebhe amapuleti emakilabhini u-DJ Fresh osemanzini kulandela ukudlula emhlabeni kukaThabiso Sekwane, okuse ngoMgqibelo esengasekho.
U-DJ Fresh, obeseneminyaka emibili ehlukanisile noThabiso obewuqweqwe lomsakazi, uveze ukuthi indodana yakhe uThato Junior imcele ukuthi azilele unina ngokuthi ayihambele imicimbi aseqashwe kuyo.
“Le nto ingikhumbuza indaba kaWandy oyindodakazi yami eneminyaka engu-15 kumanje. Naye ngaphambi kokuthi unina amzale ngangiqashwe eThekwini kanti ngase ngihlela ukukhansela kodwa unina wathi kumele ngihambe ngoba ingane kuzothi uma ifika emhlabeni ngiyidlalele. Ngikholwa ukuthi ukuqhubeka ngihambele amakilabhu ngijabulise into umama wezingane zami abezoyijabulela naye,” kusho lo mlisa oseke wasebenza emisakazweni eminingi ekubalwa iMetro FM, 5FM neminye.
Wenze i-video edlala imizuzu emibili echaza ukuthi bewumndeni bakholwa ukuthi okubulale uThabiso ukushaya ngamandla kwenhliziyo wathi kodwa bazolindela umphumela kadokotela ezoqinisekisa kahle.
Uthe ukushona kwakhe kubashiye nemibuzo futhi abakakholwa namanje ngoba ubebukeka engumqemane.
UDJ Fresh noThabiso bebeshade iminyaka engu-20 batholana emkhakheni wokusakaza.
UThabiso uzakhele igama ngephimbo lakhe elizwakale kwiVoice of Soweto, SAFM, PowerFM neKaya FM. Ushona nje ubesanda kubonakala kwi Podcast kaDJ Fresh i-What A Week (WAW) lapho bebexoxa khona ngezinto ezahlukene.
UThabiso ubonakale kwezinye izigaba ehluleka ukuzibamba ekhala. Le ngxoxo ijabulise abaningi ezinkundleni zokuxhumana kanti nabo baveze ukuthi bebeqala ngqa ukuhlala phansi baxoxe njengabantu abasebenza emkhakheni wokusakaza.