Izindaba

UChicco Twala unikele uLongwe nomfowabo emaphoyiseni

Bahle Mkhize

UZOLALA ebaliwe ejele uLongwe ozalwa isihlabani somculo uChicco Twala.

Uboshelwe icala lokweqa uthango wagqekeza wantshontsha imishini yokusebenza estudio ehlangene nomfowabo uSello.

Umthombo wePurpose ongashayi eceleni nozinze eGoli ubikele leli phendaba ukuthi kuntshontshwe imishini yokuqopha ebiza izinkulungwane zamarandi.

“Lesi sehlakalo senzeke njengoba uChicco kade ephesheya e-USA eyohlangana neziphathimandla emculweni ukufukula abaculi bakuleli ikakhulukazi bomculo wamaPiano nokunye okuphathelene ngezokugcebeleka. UChicco uthe usekhathele ukudlala labafana abacwile shi kwizidakamizwa,” kuso umthombo.

UChicco uthe akasakhathalele kuthenjwa noma ngabe lolu daba lumveza kabi emphakathini.

“Bangene bagqekeza estudio bedle izidakamizwa. Sengikhathele ukuthula ngibe ngintshontshelwa. Impela bengise USA ngesikhathi indodana Yami uLongwe nomfowabo uSello begqekeza bentshontsha estudio,” usho kanje.

Eqhuba uthe uLongwe wamxosha kudala ngenxa yakho ukuba yosibotho sezidakamizwa.

“Ngibone abantu okubalwa uHoe Zinde nabanye abaningi bebulawa izingane abazizalayo ngenxa yezidakamizwa. Babona ukuthi kuyehlela kimi ngoba ngibazala. ULongwe nomfowabo kudala bangiqala bengintshontshela njengoba sengize ngathatha isinqumo sokuthi ababolele ejele. Icala ngilivule eDouglasdale,” usho kanje.

Kwenzeka lesi sigameko nje igama likaLongwe lilokhu livele njalo eNkantolo enkulu ePitoli njengoba enukwa ngokudubula uSenzo Meyiwa.

Related Articles

Back to top button