Ezokungcebeleka

Owesibhakela ‘uvuke’ ngobeyingoduso yomdlali wamaBhokobhoko

IVUKE ngebhokisa ingoduso ebithandana nomdlali wamaSpringboks u-Elton Jantjies okwaphela sekumuncu ubudlelwano babo begqigqa izinkantolo ngonyaka odlule.

Abazisheashwathayo bathi uthando luka-Aishley Ogle (26) odabuka eThekwini nompetha womhlaba uThulani “Thulz” Mbenge lusha amashushu.

Kuthiwa sebebonakale izikhawu eziningi betetemuka ezindaweni okubalwa iWaterfall naseSunninghill eGoli.

Abasondelene nalezi zithandani bathi ngeke kumangaze uma uMbenge engacela ukuthi amshade u-Ashleigh njengoba esephuma ngisho ukuyomethula kubo eMdantsane e-Eastern Cape.

 

Umithombo yeZiMoja ithi nakubo kuka-Ashleigh bayamazi uMbenge ophethe ibhande lomhlaba le-International Boxing Organisation esisindweni se-welterweight.

Ngaphandle kokuba umdlali wesibhakela uMbenge ungusomabhizinisi njengoba enepulazi lokutshala imfino, amazambane, ubhatata namaklabishi.

Ethintwa ecela ukuphawula kwakhe ngalolu thando lwakhe olushisayo, uMbenge uvele wathi. “Aybo!! Ubani okutshele lezo zindaba? Futhi-ke angizikhulumi izindaba zami zangasese nabezindaba. Njengamanje kumele ngibambe indiza ezongishiya. Bye!”

Le ntokazi yahlukana kabuhlungu noJantjies njengoba yanikela eRandburg Magistrate Court iyocela incwadi yesivimbelo. Yasuka lapho yakhipha isitatimende ithi ibithwele kanzima emjolweni wayo yathi ayimfiseli omunye umuntu wesifazane ubuhlungu ebuzwile.

Kuphinde kwavela ukuthi lezi zithandani sezibe ndawonye izinyanga eziyisikhombisa. Abazazi kancono bathi bahlangana emcimbini wabashayi sibhakela kusukela lapho usungafunga ukuthi uRomeo noJuliet.

Related Articles

Back to top button