
Uphenduke uthalala ebanjwa nezidakamizwa
Liyah Mseleku
LIBANJWE zenidakamizwa ibhungu (19) elisabise ngokubulala unogada wenkampani yakwaReaction Unit South Africa (RUSA).
Leli bhungu kuthiwa lafaka izinyoka unogada lamtshela ukuthi angalizeli ngobuso ngoba wazana nosomatekisi oyingozi kabi futhi uzomdubula ambulale.
Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngesonto eledlule ngoLwesithathu, unogada ube esehlaba umkhosi watshela ozakwabo ukuthi usengozini.
NgoMgqibelo ekuseni bamzingele okwenyamazane bambamba waboshwa edolobheni laseVerulam.
Leli bhungu kuthiwa kade vele kukhalwa ngalo kusukela ngesonto eledlule, osomabhizinisi edolobheni benganeme ngaye.
Kuthiwa bake bambhadama ngesonto eledlule kodwa waphunyuka wadla phansi sekuqhamuka onogada.
Kulokhu bathe bemhubha kwaqathaka izidakamizwa, imali namaselula zamkhalela.
Ngesikhathi “sebemculisa” uveze ukuthi udayisa ngezidakamizwa edolobheni. Uthi udayisela ubhuti wakhe onikwa usomatekisi thizeni kusukela ngoFebhuwari.