
Senyukele kubantu abathathu ababulawe izimvula
Philasande Luthuli
KUQINISEKISWE abantu abathathu abashone ngenxa yemvula nokuduma kwezulu okuqale ngoLwesine.
Ngokwezibalo zakamuva kuvele ukuthi owesimame (54) omuke nemoto emfuleni uMbilo utholakale ePinetown.
Omunye futhi owesifazane (21) omuke namanzi ezama ukuwela ebhulohweni eMolweni kanye nengane eneminyaka engu-10 eshaywe umphezulu eMpendle, eMlalazi, ngoLwesine.
Abezimo eziphuthumayo be-ALS Paramedics bathi baze bakwazi ngoLwesihlanu ekuseni ukucinga isisulu esineminyaka engu-50, kwazise isimo besisibi kakhulu ebusuku bangoLwesine.
Imvula enamandla igadle kwezwakala ezingxenyeni eziningi eziseningizimu-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.
Ilimaze imigwaqo kwezinye izindawo kanti kwezinye bekugcwele amanzi emigwaqweni, kungahambeki.
AbeSouth African Weather Service Service kuleli sonto bakhiphe isexwayiso esikusigaba-6 semvula enamandla ehambisana nokuduma kwezulu.
UMnuz Zwakele Mncwango ohola i-Action SA KwaZulu-Natal ukhale ngokwehla ngomlenze kwemali yabakhokhintela nokugcina sezingagcinwa izidingo zomphakathi.
“Kade ngisho ukuthi izinhlekele eThekwini zingagwemeka uma uMasipala ungafaka imali kwizidingongqangi okuyizingqalasizinda okubalwa ukugeleza kwamanzi ngamapayipi. Ukube nje R1 billion wenhlekelele ka-2022 awudukanga ngabe wenze omkhulu umehluko,” usho kanje.
Indawo yomtakabani iKloof kanye nePinetown ibalwa kanye nezinye ezikhahlamezekile amanzi angena ageleza nasenxanxatheleni yezitolo.
Kunezimoto ezimukile kanti kuMgeni Road eThekwini akuhambeki nogesi awukho kwezinye izinhxenye zedolobha ngenxa yokulimala kwengqalasizinda.