
Ugwazwe umqashi umshayeli odunwe i-Uber
Bahle Mkhize
USHAYWE wanaba wathola nenxeba lokugwazwa owesilisa (42) obikele umqashi wakhe emsebenzini wokushayela imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile ukuthi ubanjwe inkunzi.
Le ndoda yaseCanehaven, KwaZulu-Natal, ithi igilwe igoda umqashi ngoMgqibelo ekade ebanjwe inkunzi ngayizolo.
Ngokusho komgilwa uthi uphangwe kuMngeni Road, eThekwini, imoto yohlobo lweToyota Etios emhlophe kanye neselula yohlobo lweHuawei. Uma eqhuba nokulandisa uveze ukuthi uzijubile wachitha ubusuku bonke elele namaphara ngaphansi kwebhuloho ngoba kungekho lapho abengaquba khona ebusuku.
Uze wakwazi ukuvuka ngekusasa ngoMgqibelo wacela usizo kumuntu obezidlulela ngendlela.
Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) babiziwe seligamenxe ihora leshumi emini.
Labo nogada bazithele kumgilwa bamthatha ngemoto bemphindisela kumqashi wakhe.
Uthe uma echaza isehlo esimehlele umgilwa bangamkholwa kwathiwa uyidayisile imoto ngoba efuna ukudla izidakamizwa bamshaya nangesipanela bemhlanganyela bebabili.
Lo mgilwa obeselimele opha negazi ubuyiselwe ekhaya Shastri Park waphuthunyiswa esibhedlela.
Kulindeleke ukuthi avule icala lokushaywa ngenhloso yokulimaza ngokusemthethweni.
Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi wsungenhle kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi kuMasingana Road ePhase 6, eWaterloo, KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu kusihlwa.
Umseshi emaphoyiseni akwaSouth African Police Service (SAPS) obengekho emsebenzini ufonele inkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) seligamenxe ihora lesikhombisa ecela usizo.
Onogada bakwaRUSA abapholisanga maseko baphuthuma endaweni yesigameko bazithela phezu kweToyota Quantum igingqikile ilele ngohlangothi.
Isidumbu somshayeli besisivaleleke ngaphakathi kwiQuantum.
Kubuye kwatholakala isidumbu somonye wesilisa ebangeni elingango-150 metres ukuqhela endaweni yesigameko. Ubenezimbobo zezinhlamvu, naye uhlonzwe njengosefile.