Izindaba

Ungwcwatshwe ngesizotha umfundisi owazakhela ugazi oKhozini FM

UHLONISHWE ngomngcwabo kahulumeni wesifundazwe osesigabeni sesibili, uMfundisi uBhekizipho Khulekani (BK) Dludla we-United Congregational Church of Southern Africa (UCCSA).

Umngcwabo ubuhanjelwe uNdunankulu wesifundazwe sakwaZulu-Natal uMnuz UThamsanqa Ntuli, owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma, abaphathiswa beminyango eyahlukene esifundazweni nezinye izicukuthwane

UMfu Dludla (99) wazalelwa eMelmoth ngo-1926, wanikela impilo yakhe ebufundisini, ubulungiswa bezenhlalakahle nasekusizeni ngokubhacisa izishoshovu ezazilwa nohulumeni wobandlululo.

Umufi ubizelwe enkosini ngoMgqibelo owedlule emuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside. Inkonzo ibanjelwe enkundleni yezemidlalo eMelmoth. UDludla ungowokuzalwa eMfanefile. Wazakhela udumo ngezintshumayelo zakhe ayezethula emsakazweni uKhozi FM.

Lide kakhulu ibanga alihambile esadla anhlamvana eshumayela ivangeli lobunye.

Ungomunye wabasunguli bebandla ebelihola i-UCCSA. Wazifaka ezinhliziyweni zamalungu omphakathi ngokuba yisishoshovu esasilwela amalungelo abantu.

Phakathi kokunye ngaye kuvela ukuthi wake waba ngushansela wesikhungo sezemfundo ephezulu iMangosuthu University of Technology (MUT). Waphinde waba ngusihlalo wesigungu sesikole iNanda Seminary School.

UDludla wayephinde abe nobungani obuqinile nomsunguli we-IFP uMntwana wakwaPhindangene iNkosi uMangosuthu Buthelezi.

Uhlelo lwenkonzo beliqhutshwa nguMnuz Siboniso Duma onguNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal noMnu Mntomuhle Khawula onguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kulesi sifundazwe.

Related Articles

Back to top button