
Kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi nomgibeli
Aphe Gcwabe
KUDUTSHULWE kwabulawa umshayeli wetekisi kuMasingana Road ePhase 6, eWaterloo, KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu kusihlwa.
Umseshi emaphoyiseni akwaSouth African Police Service (SAPS) obengekho emsebenzini ufonele inkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) seligamenxe ihora lesikhombisa ecela usizo.
Onogada bakwaRUSA abapholisanga maseko baphuthuma endaweni yesigameko bazithela phezu kweToyota Quantum igingqikile ilele ngohlangothi.
Isidumbu somshayeli besisivaleleke ngaphakathi kwiQuantum.
Kubuye kwatholakala isidumbu somonye wesilisa ebangeni elingango-150 metres ukuqhela endaweni yesigameko. Ubenezimbobo zezinhlamvu, naye uhlonzwe njengosefile.
Kuzwakale ukuthi umufi ubengumgibeli kuleli tekisi.
Ngesikhathi idutshulwa naye kuvela ukuthi ubehlezi ngaphambili nomshaheli.
“Uzamile ukuvula isicabha ezama ukubaleka esindisa impilo yakhe yingaleso sikhathi ke edutshulwe khona,”
Le tekisi kuthiwa iphenduke kaningi inabagibeli okuhlanganisa abesifazane ababili abaphume bengenamyocu.
Akwaziwa isizathu esiholele ekuhlaselenin okubulawa kwabagilwa.
Ezinsukwini eziyisithupha ezedlule kubikwe isigameko esifuze lesi esenzeke eMaoti, eNanda.
Kulesi sigameko kwadutshulwa kwabulawa abesilisa abathathu kwalimala owesifazane oyedwa.
Lesi sigameko senzeka endaweni ebizwa ngeNigeria.
Izisulu ezimbili zatholakala egumbini elilodwa sezibanda, kwathi omunye wabagilwa watholakala kwelinye igumbi naye esefile. Bonke babedutshulwe ngentululwane yezinhlamvu.