
Ziyaqonga izinkinga zaBabes obevele enkantolo
ZIYAQONGA izinkinga zendlovukazi yegqom’ uBabes Wodumo obevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo.
Lokhu kuza emuva kokuvela kobufakazi obusha ecaleni lokushaya umsiki wengqephu uPhilly Mhlongo ngomhla ka-12 Mashi nyakenye.
Ufakazi wokuqala uMnuz Sifiso Mthethwa, owayegade ibhilidi laseWest Walk lapho kwenzeka khona isigameko, uthe wambona nommangali eshaya uBabes kodwa wathi wayeziphindisilela.
Ngokombiko weSolezwe uMthethwa ubevele phambi kweMantshi uNtokozo Myeni, noMshushisi uNtokozo Ngema.
Uqale ukuphekwa ngemibuzo wuMshushisi mayelana nokuthi usakhumbula ukuthi kwenzekani ngosuku lwesigameko.
Unogada uthe uyakhumbula ngoba wagcina efikile endaweni yesigameko wazibonela uBabes eshaya uPhilly Mhlongo.
Uthe wafica abantu abawu-4, okungabafana abathathu nentombazane eyodwa ababelwa nentombazane yakwamakhelwane.
“Ngathola ukuthi losisi owayelwa nomakhelwane (uPhilly) wayefuna ukungena ngenkani. Ngaqale ngangabona kahle kodwa ngagcina ngitholile ukuthi uBabes Wodumo,”
Ebuzwa nguMshushisi ukuthi angamkhomba yini enkantolo, nebala umkhombile ukuthi uBabes.
Uthe waqhubeka uBabes nokufuna ukungena ngenkani, kwabe sekuqhamuka ubaba omdala okwathiwa uyise kaBabes, uMfu Welcome Simelane. Uthe inhloso yokuqala kwakuwukhuluma naye njengomuntu omdala ukuba akhuze izingane.
UMthethwa uthe wambona uBabes eshaya uPhilly ngempama, okwaphoqa uPhilly ukuba aphumele ngaphandle kwesango eyoziphindiselela.
UMthethwa uthe isigameko sasiqoshwa kumakhamera. Ebuzwa ukuthi ukhona yini amnikeza i-vidio eyayiqoshwa ngamakhamera, uthe wayinikeza uPhilly kuphela.
Kube sekuba yithuba lommeli kaBabes, uThula Mlondo ukuba azohloma ngemibuzo uMthethwa.
Ummeli ubuze uMthethwa ukuthi uyazi yini ukuthi mangaki ama-vidio anikezwa ummangali, uthe yena wamnikeza ithuba lokushutha ne-vidio amdlalela yona kwi-screen. UMlondo uthe i-vidio efike kubo ngeveza ukuthi yasuswa ngqo kwikhamera. UMthethwa uthe akayazi leyo.
Ummeli ubuze ukuthi uma eseshuthile ummangali, kwabe sekwenzekani nge-vidiyo. UMthethwa uthe emuva kwezinyanga ezintathu yanyamalala kwaze kwadingeke uchwepheshe ukuba ayibuyise. UMlondo ubuze ukuthi yashonaphi i-vidiyo, uMthethwa uthe akazi ngoba idinga uchwepheshe ozoyihlonza ukuthi ikuphi.
Icala lihlehlele umhla ka-13 Meyi ngenhloso yokuthola ubufakazi obusha.