Owayelingisa kwiDurban Gen nethuba elisha kuthelevishini
USibongokuhle uke wadlala indawo kaNdoni ewunkosikazi kaPhillipe, owayeyihuzu kuZalo
KWANDE kaZIKIZA
UMLINGISI waKwaZulu-Natal obesenyamalele emehlweni abantu uzobonakala kuMuvhango okhonjiswa ku-SABC 2 ngo-8.30pm kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
USibongokuhle Nkosi ugcine ukubonakala kuthelevishini edlala indawo kaThemba oyi-Paramedic kuDurban Gen, eyavalwa ku-etv ekuqaleni konyaka odlule.
Ngaphambi kokuthola le ndawo eyathokozelwa ababukeli, wake wadlala indawo kaNdoni engunkosikazi kaPhillipe, oyisigebengu kuZalo.
Wafika washukumisa izinto kulo mdlalo othandwayo ku-SABC 1 njengoba ajola noNkunzebomvu Mhlongo owumngani kaPhillipe okwenza kwacishe kwaphuma isidumbu.
UMhlongo noPhillipe babezwaniswa ubugebengu.
USibongokuhle, ofunde wagogoda e-University of KwaZulu-Natal wathola iziqu zeBachelor of Music and Drama. Le ntkazi ibhale ezinkundleni zokuxhumana iphuphuma injabulo ngokuthola indawo ezoyilingisa kuMuvhango.
“Nazi izindaba ezimnandi kulabo abakade bengibuza ukuthi kungani nginyamalele. Bengimatasa ngasese kanti kuyangijabulisa ukunazisa ukuthi maduze nizongibona kuMuvhango ngilingisa indawo kaRaven ongumlingisi. Abantu bazoyijabulela le ndawo engizoyilingisa,” ubhale kanje lo mlingisi ozalwa eLadysmith.
Wake wacashunwa kweminye imithombo yezindaba ethi ufisa ukukhiqiza umculo kodwa wathi akakaqondi ukuthi uzoshaya ngasiphi isigqi ngoba unamakhono amaningi.
Uzobonakala kumabonwakude nje, kuthiwa nezinto zimhambela kahle othandweni. Unyamaniswa nosomabhizinisi uMandla Lamba, owake waba sematheni ngokuthi uqola abantu ngokuhweba ngamasheya. Ebuzwa ngalezi zindaba, uthe.“ Ngebhadi anguzikhulumi izindaba zami zangasese esidlangalaleni,” kuphetha yena.