Obeshade noSello unekela izwe ngeHIV
“ISONO sami ukuthi angizange ngitheleleke ngegciwane lesandulela ngculazi (HIV)”.
Lawa ngamazwi kaPearl Mbewe obeshade nomlingisi uSello Maake kaNcube abangasabhekani naye.
UPearl Mbewe uthi izinkinga emshadweni wakhe zaqala ngesikhathi engathelelekanga ngegciwane.
UMbewe ucashunwe kwiSunday World ethi umyeni wakhe waqala ukumumonazela ngesikhathi ethola ukuthi akanalo igciwane leHIV emuva kokuhlola igazi.
Wathi: “Ungowesifazane wokuqala okhethekile esengike ngalala naye kule minyaka, unenhlanhla unegazi elingajwayelekile”.
Lokhu kwenzeka nje ngesikhathi uMbewe egeqa amagula, esho ukuthi uSello ukhohlise abantu ngesonto eledlule ngokuthi wathola nini ukuthi unegciwane leHIV.
Ngokusho kuka Sello wathola ngonyaka odlule ukuthi unegciwane ngesikhathi bezama ukwenza ingane yabo yokuqala.
“Ngemuva kwezinyanga ezintathu ngihlukene nobaba wengane yami ngahamba ngaya kohlolelwa ukuthi angikhulelwe yini nokuthi anginalo igciwane leHIV. ngangingafuni ukuhlala nengane yomuntu ebengithandana naye nokuthi ngigxumele kobunye ubudlelwano ngingazazi,” kusho uMbewe.
“Ngaphambi kokuba silale ngaphandle kwejazi uSello wangitshela ukuthi akanalo igciwane nami ngamukholwa ngoba ngisagajwe uthando.”
“Sadla izikhuthazi emuva kokuthi sishade ngoba sizama ukuba nengane ngokushesha. Wathi ufuna ukuba nengane yami yasemshadweni ngoba lezi ezinye ezangaphandle.
“Nami ngafuna ukumzalela indlalifa. Ngemuva kokuzama isikhathi eside kungenzeki saya kobona udokotela. Sahlolwa okuningi udokotela wathi uSello akaqale ukuthatha ama-ARV’s ukudambisa igciwane.
“Ngathola udokotela eSandton osebenza ngeHIV wathi asiphinde sihlolwe ngaphambi kokuba siqhubeke nemithi yokuthola ingane.
“Imiphumela yami yabuya ingenalutho ekaSello yabuya isanjalo. Udokotela wabe esethi akadle amaphilisi ngoba uzogula futhi angafa nokufa. Udokotela wangiyala ngokuthi uma siqhubeka silale ngaphandle kwejazi ngizotheleleka.
“Kwathi ngonyaka odlule sahlola sathola ukuthi iphansi angeke akwazi ukungithelela. Ilapho athi khona asiqhubeke nodokotela ngoba sesikhokhe imali eshisiwe, wathi ufuna ukuba nengane nami. Ngemuva kwalokho kwaqala kwamuncu ethi mina anginandaba naye angikwenzi okufanele umfazi, ngiyisiphukuphuku, ngoba nginegazi elihlukile,” kuqhuba uMbewe.
“USello akayeke ukuqamba amanga nokufuna ukudatshukelwa ngegama lami. Nginabo bonke ubufakazi,” kusho uMbewe.
USello akatholakalanga ukuphawula.