Ezokungcebeleka

Kuphela ubumpohlwa kuKini ogcagcelwayo

BUYAPHELA ubumpohlwa kule nyanga kumlingisi woMkhokha The Curse uKininonke “Kini” Shandu.

Lo mlingisi odlala indawo kaGatsheni ukuqinisekisile kwabezindaba ukuthi buyaphela ubumpohlwa kuye njengoba ebopha ifindo likasofa silahlane nenkosazane eyiNazaretha.

UKini uzakhele udumo esasakaza kwiGagasi FM nakwiDaily Thetha kwiSABC.

Kuvele ukuthi uzogcagcelwa yintokazi yasesigodini saseMlaza, Bhanganoma, KwaNongoma, uNksz Andile Khanyile.

“Ngiyosina esigcawini ngoDisemba 15. Angisiyena umuntu othanda ukunakwa kakhulu nanokuthi abantu bazi ukuthi ngiphila kanjani. Into ebalulekile ukuthi ngiyaganwa. Okunye nokunye angifuni abantu bekwazi njengoba ngingafuni nanokuthi baze bazi nomkami ngoba angifuni abantu bamfakele ingcindezi. Ngifuna ukuzenelisa ngempilo yami,” kusho uKini.

Le nhlalisuthi yambesa futhi yakhehla ingoduso yayo ngoDisemba 23, nyakenye. Kulo mcimbi kwakutheleke osaziwayo abasondelene nayo.

Ebuzwa ngendawo ayilingisayo kuMkhokha, uKini uthe iyamthusa indlela le ndawo esikhule ngayo.

“Kubemnandi kimi ukudlala indawo kaNdlovu ngoba uvezela abantu abaningi into abangayinaki emasontweni ukuthi akusiwo wonke umuntu osenkolweni ngoba ekholwa. Kukhona abasuke beye ezinkonzweni ngezinhloso ezithile. UNdlovu ubuswa wugovane lwakhe kodwa ucashe ngenkolo. Izindawo ezingafani kakhulu njengoba mina ngingafani nale ndawo engiyidlalayo.”

UKini uthe kumjabulisile ukubona indawo ayidlalayo ikhula. “Ngisebenza kusukela ekuseni kuze kube yintambama. Ngakho-ke ukukhula kwendawo kaNdlovu kuphoqe ukuthi ngisule komunye umsebenzi kwazise bese siqopha usuku lonke. Ezobuciko nokulingisa ngiyakuthanda kakhulu. Ngazikhetha mina, ngakhetha into engiyithandayo okuyingakho ngasula komunye umsebenzi ngenxa yokukhula kwayo indawo engiyidlalayo,” kuchaza uKini.

Uthe akumthusi ukulingisa nomakadebona kuyo le ndima.

“Awukho umehluko omngako njengoba ngiqhamuka ekusakazeni nakwithelevishini. Angibaboni abantu njengabantu abaphakeme futhi angilandeli muntu. Noma ngabe ngilingisa nobani angithuki ngoba kumina siyalingana sonke singabalingisi, akekho omkhulu kunomunye. Akekho umuntu engisabayo ukulingisa naye lapha eNingizimu Afrika.“

Related Articles

Back to top button