Ezokungcebeleka

UJay-Z ezinsolweni zokudlwengula intombazane (13)

Sane Mseleku

UMCULI waseMelika uJay-Z unukelwa ijele njengoba icala lokudlwengula intombazanyane ena-13 weminyaka yobudla ngonyaka ka-2000.

UJay-Z uphike walala ngomhlane ngalezi zinsolo kwizinkundla zokuxhumana, wathi indlela yokumusabisa nje le.

UJay-Z nenkampani yakhe yomculo iRoc bakhiphe isitatimende.

“Nenze iphutha elikhulu ngokucabanga ukuthi bonke osaziwayo bayefana. Asiyidlali le midlalo,” kubhalwe kanje.

Icala lifakwe ngeSonto e-US Federal Court kusolwa uJay-Z noSean “Diddy” Combs ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-13 emcimbini owenziwa emuva kwama MTV Music Awards ngonyaka ka-2000.

Icala lafakwe ngo-Okthoba eSouthern District, eNew York.

UDiddy uwaphika wonke amacala kanye naleli lango-Okthoba.

Kumanje usejele ngamacala okudayisa ngamantombazane ewadayisela ucansi. Nalawo macala uyaqaphika.

Izinsolo zithi intombazane engadalulwa ngegama yafakelwa izidakamizwa esiphuzweni yadakwa yabe isiyadlwengulwa nguJay-Z noDiddy emcimbini.

UTony Buzbee, ongummeli wentombazane usefake amacala cishe angu-20 wokunukubeza ngokocansi ebopha uDiddy.

Kwi-email ayisendele iReuters, uBuzbee uthi icala likaJay-Z liyazikhulumela alidingi ukutolikwa.

“Leli icala elibucayi, lizothethwa enkantolo,” kubhala uBuzbee.

Ithimba likaBuzbee like labhalela Ithimba lika Jay-Z befuna ukuxoxisana. Kodwa bavele baphendula ngecala nabo, baphinde basabisa abanye abammeli enkampanini. Lokho ukubona kwiyindlela yokusabisa intombazane.

Kwizinkundla zokuxhumana uBuzbee ubhale ukuthi “intombazane ayifuni mali yaJay-Z kodwa ibifuna ukukhuluma eceleni ngaphandle kwenkantolo.”

Related Articles

Back to top button