UJay-Z ezinsolweni zokudlwengula intombazane (13)
Sane Mseleku
UMCULI waseMelika uJay-Z unukelwa ijele njengoba icala lokudlwengula intombazanyane ena-13 weminyaka yobudla ngonyaka ka-2000.
UJay-Z uphike walala ngomhlane ngalezi zinsolo kwizinkundla zokuxhumana, wathi indlela yokumusabisa nje le.
UJay-Z nenkampani yakhe yomculo iRoc bakhiphe isitatimende.
“Nenze iphutha elikhulu ngokucabanga ukuthi bonke osaziwayo bayefana. Asiyidlali le midlalo,” kubhalwe kanje.
Icala lifakwe ngeSonto e-US Federal Court kusolwa uJay-Z noSean “Diddy” Combs ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-13 emcimbini owenziwa emuva kwama MTV Music Awards ngonyaka ka-2000.
Icala lafakwe ngo-Okthoba eSouthern District, eNew York.
UDiddy uwaphika wonke amacala kanye naleli lango-Okthoba.
Kumanje usejele ngamacala okudayisa ngamantombazane ewadayisela ucansi. Nalawo macala uyaqaphika.
Izinsolo zithi intombazane engadalulwa ngegama yafakelwa izidakamizwa esiphuzweni yadakwa yabe isiyadlwengulwa nguJay-Z noDiddy emcimbini.
UTony Buzbee, ongummeli wentombazane usefake amacala cishe angu-20 wokunukubeza ngokocansi ebopha uDiddy.
Kwi-email ayisendele iReuters, uBuzbee uthi icala likaJay-Z liyazikhulumela alidingi ukutolikwa.
“Leli icala elibucayi, lizothethwa enkantolo,” kubhala uBuzbee.
Ithimba likaBuzbee like labhalela Ithimba lika Jay-Z befuna ukuxoxisana. Kodwa bavele baphendula ngecala nabo, baphinde basabisa abanye abammeli enkampanini. Lokho ukubona kwiyindlela yokusabisa intombazane.
Kwizinkundla zokuxhumana uBuzbee ubhale ukuthi “intombazane ayifuni mali yaJay-Z kodwa ibifuna ukukhuluma eceleni ngaphandle kwenkantolo.”