Ezokungcebeleka

Kubulawe umlandeli kaMaskandi wodumo kwiTikTok

Phila Luthuli

KUDUTSHULWE kwabulawa umlandeli womculo kaMaskandi obeseka uMthandeni SK no-Ali Mgube, eJulies, eGoli ngeSonto.

UMnuz Dubula Mbatha wakwaNongoma, eKZN, ubezikhiphile nabangani bakhe beyodla inyama ngesikhathi ehlaselwa ngezinhlamvu ezingaphezu kwezinhlanu.

Abasondelene nalesi sigameko bathi  ungeniswe esibhedlela, kwamanela  ngoMsombuluko (namhlanje).

Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa kodwa abaningi basola ukuthi kuhlobene nezenzo zakhe zokuhlasela abantu ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana.

Umculi kaMaskandi u-Ali Mgube, uqophe ivideo wayinameka ezinkundleni zokuxhumana ekhalisana nomndeni, izihlobo nabalandeli. Enkulumweni yakhe, uxwayise kakhulu ngezinkundla zokuxhumana.

“Nakuba ngingasho ukuthi ukulimala kwakhe kuhlobene nenkundla yezokuxhumana, kodwa ngiyacela abafwethu ukuba bahloniphe izinkundla zokuxhumana ngoba singabantu asikhuliswanga ngendlela efanayo futhi nezinqumo esizithathayo azifani. Kubalulekile ukuhloniphana nokungadicileli phansi amagama abanye abantu ikakhulukazi ezintweni abaziphilisa ngazo,” kusho uMgube.

UZwelisha S. Junior ongumlandeli wepage laBathandi BakaMasksndi kuFacebook uphawule wathi lesi sehlo sizolimaza igama likaMaskandi.

“Eyi kwaze kwakubi okwehlele lensizwa. Lento izolimaza igama lomculo kaMaskandi lena. Noma ngabe ufele okunye sekuyothiwa ubezonda uKhuzani. Le nsizwa ibinezihlwele mhla ikhuluma kabi abantu koTik Tok kodwa manje izolala yodwa kobandayo.

Bafowethu igama lobunsizwa asilihloniphe asingabi izinsizwa ngenhlamba. Noma ngabe uyinsizwa ihloniphe enye insizwa.

Lala ngokuthula Dubula, ube idlozi elihle ezinganeni zakho,”

Related Articles

Back to top button