Izindaba

Iyabuya ingane (5) ekhulele ejele eMauritious

Sane Mseleku

INGANE eneminyaka emihlanu ikhulela ejele laseMauritius iyabuya kuleli laseNingizimu Africa.

Lesi sinqumo seziphathimandla silandela ukuthi owesifazane wakuleli owaboshwa ngo-2019 eMauritius ekhulelwe ebanjwa eshushumbisa izidakamizwa.

“Ingane ihlala ngaphakathi ejele nomama wayo ilinde ukubuyiselwa kuleli,” kusho okhulumela abeZenhlalakahle uBathembu Futshane.

“Uma ingane ingase ingabuyiselwa manje eMzansi, izoyiswa kohlala eWelfare eMauritius lokho kuzodala ukuthi kube lukhuni ukuba ibuyele eMzansi emndenini wayo,” kuqhuba uFutshane.

UMnyango yakuleli yathola isecelo kwi department of International relations and co-operation ngoMeyi becela ukutholiswa umndeni walo wesifazane ukuze kuhanjiswe ingane kuwona.

“Ngemuva kokuba bemtholile ukhulu wengane ongumama kalo wesifazane oboshiwe, babonile ukuthi angakulungela ukuhlala naye umntwana,” kusho uFutshane.

Kulindeleke ukuthi ingane ibuye ngoLwesihlanu.

“Umntwana uzobuya ngoLwesihlanu, ebuyela kukhulu wakhe ovumile ukuthi uzomgada kuze kubuye unina ejele,” kuqhuba uFutshane.

Sekubuyiswe izingane ezingu-22, zibuyiswa emazweni angaphandle kuboshwe onina bazo, kusukela ngo-2015.

Lokhu kuhambisana nomthetho wezingane ukuthi kumele ingane ixhumane nomndeni wayo noma nezihlobo, yazi imvelaphi namasiko ayo.

Related Articles

Back to top button