Imibandela eqinile kuTwala ogqigqa inkantolo
Liyah Mseleku
IKHISHWE ngesixwayiso indodana kaSello “Chicco” Twala enkantolo kaMantshi eRandburg ngoMsombuluko.
NgoSepthemba uLongwe wagqekeza indlu kayise wantshontsha izimpahla ezingabiza imali elinganiliselwa kuR20 000.
Le nkantolo yamkhipha ngesexwayiso ngelokuthi ummeli wakhe waveza ukuthi akasiyo ingozi yokuthi angabalekela kwelinye izwe.
NgoNovemba 26 uLongwe waphinde waboshwa ngokuphula umyalelo wenkantolo.
Wavika ngelokuthi wayegula futhi wazisa ubabekazi wakhe ngethemba lokuthi uzombika. Wahluleka ukuletha ubufakazi nokwadala engcina ephindela ejele.
Phakathi kwemibandela abekelwe yona kubalwa ahlale endlini kusukela ngo-6 ekuseni kuze kube kusihlwa ngesikhathi esifanayo, eDiepkloof, Soweto.
Uvaliwe ukuthi asebenzise izidakamizwa notshwala angaxhumani nofakazi.
Utshelwe nokuthi angangeni emzini wommgangali kuze kube wukuthi icala lakhe liyaphothulwa.
Okunye wukuthi kungafika iziphathimandla zimhlole izidakamizwa emzimbeni noma yinini.
Uma ephambana nayo lemibandela inkantolo izomgweba kucwile nemali yebheyili
Ube eseyalelwa ukuthi aphinde avele enkantolo ngoFebhuwari 5.