Izindaba

Injabulo kuphela isiteleka samatekisi

Phila Luthuli

KUNTWELA ezansi kubagibeli bamatekisi ahamba ibanga elide eThekwini njengoba ebuyele emgaqweni ngeSonto ngemuva kwesiteleka.

Sikhuluma nje sekubunjwe ithimba elizobhekana nezinkinga eziqhubekayo kule mboni.

Umfundi waseDurban University of Technology (DUT) uNompumelelo Zikhali odabuka eNewcastle uthi liphume nobovu.

“Kade saqeda ukuhlolelwa izivivinyo zokuphela konyaka kodwa besilokhu siduve eThekwini ngenxa yokungabi bikho kwamatekisi. Ukuphela kwezinkinga kusijabulisile ngoba sesizokwazi ukuchitha izikhathi zamaholidi ekhaya,” usho kanje.

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, ukuqinisekisile ukuthi amatekisi ahamba amabanga amade aqale ukusebenza ngeSonto. Lokhu kulandela isiteleka esesidonse isonto lonke kososeshini bamatekisi ahamba amabanga amade, eThekwini, esishiye abagibeli besele dengwane.

Ekhuluma ngemuva kwezingxoxo ngososeshini ngoMgqibelo, uDuma uthe sebefinyelele esivumelwaneni sokuxazulula izinkinga.

“Asiqale simemezele ngokusemthethweni ukuthi izinhlangothi zombili zivumelene futhi zafinyelela esivumelwaneni sokuthi ngeSonto babuyele emsebenzini bazoqala ukulayisha,” usho kanje.

“Nginesiqiniseko sokuthi yizindaba ezinhle kubantu bakithi, futhi sifuna ukuxolisa kakhulu ngokuphazamiseka.”

Sekujutshwe ithimba elizobhekana nezinselele zesikhathi esizayo. Leli thimba lihlanganisa abantu abahlanu abazomela uMnyango wezokuThutha esifundazweni nabahlanu abavela kusoseshini wamatekisi.

“Sivumelene ngokuthi ososeshini bazophinde bahlangane ukuze baphume nesu lokuthi izinto zizohamba kanjani ukuya phambili,” kuchaza uDuma.

“Lezi zixazululo zizosiza nasesikhathini esizayo.”

Related Articles

Back to top button