Ezokungcebeleka

USminofu emlandweni ngevideo yaseDubai

UMCULI kaMaskandi uSminofu uqophe umlando esika iphethini kubaculi okubalwa u-AKA noTyla ngokushutha imusic video phesheya kwezilwandle.

USminofu unqume ukuyoshutha ivideo yengoma esihloko sithi Rush Hour eDubai nokuyinto engavamile kaMaskandi.

“Into engenze ngaya eDubai ukufuna ukuqhubeka sikhuphule izinga lomculo kaMaskandi. Umaskandi uyangena ebantwini lokhu okukhombisa ukuthi umuntu usebenze kangakanani. Ukukhuphula izinga likamaskandi kwenze ngisho abaphathi beziteshi ezinkulu bakubona lokhu engikwenzayo yingakho namhlanje ingoma yami ibonakala eziteshini zomculo ezinkulu.

“Ngiyafisa lokhu engikuqalile kungagcini ngami nabanye ozakwethu. Ithuba elinjena uma belifuna abalibambe ukuze umculo wethu uhlonishwe ngisho noma simenywa abanye abaculi emicimbini yabo koLimpopo nakoGoli abantu basazi kungathi uma kubizwa uSminofu abantu bangangazi, yilokho engikulwelayo manje.”

Uthe ubonga inkampani asebenza nayo eyenze umsebenzi omkhulu ukwenza lolu hambo lube yimpumelelo.

“Ngiyabonga nakubafowethu engisebenza nabo yize singahambanga sonke. Ngihlela ukuthi ngihambele namanye amazwe ngiqhubeke ngishuthe izingoma. Ngibonga nakubalandeli bomculo wami abenza umsebenzi oncomekayo njengoba i-albhamu entsha yenza kahle futhi lokho kuyaqhubeka nokungikhulisa,’’ kusho uSminofu.

Akagcinanga ngokuqopha lowo mlando kodwa uphinde waba uMaskanda wokuqala ukuthi yona le ngoma idlalwe esiteshini esikhulu somculo i-Channel O, ngoLwesithathu.

Related Articles

Back to top button