Bamfake incwadi yabammeli uBrother Enigma
Phila Luthuli
BAMFAKE incwadi yabammeli uPoniponi Philip Thosa odume ngoBrother Enigma kwizinkundla zokuxhumana.
U-Enigma uboshwa uPastor Makhuba webandla i-Unity Fellowship Church ngenkulumo ayenza ohlelweni iThe Daily Hustle YouTube channel.
Ngokwesiqeshana sencwadi yabammeli esabalale ezinkundleni zokuxhuma uPastor Makhuba uthi wadicilelwa phansi isithunzi ngezinkulumo ezingelona iqiniso wamhlambalaza.
Kulesi siqeshana esiputsukile akuveli ukuthi uzohlawuliswa imali noma okunye.
“Uyazi ukuthi uPastor Makhuba usemehlweni abantu, njengoba engumholi webandla i-Unity Fellowship Church. Siyalelwe ukuthi ngomhla ka-9 Novemba 2024 ngesikhathi usohlelweni iThe Daily Hustle/Chris Network kuYouTube channel wakhuluma okungesiyo iqiniso wahudulela phansi isithunzi sikaPastor Makhuba,” phakathi kokubhalwe encwadini.
U-Enigma akaqali ukuba sematheni njengoba ehlezi enephuza amagama osaziwayo ngaphansi ezivikela ngokuthi uJesu omthume ukuthi asho noma yini.
Phakathi kokunye u-Enigma aseke wakusho esidlangalaleni wukuthi uboniswe uMinnie Dlamini ephusheni egqoke isiketi esifishane elokhu ezidlisa sathanana kuyena.
“Ubemuhle kakhulu ephusheni imilenze emihle, egqoke isiketi esifishane elokhu engokhombisa idilozi,” washo kanje.
Ethintwa uMinnie ngale nkulumo wathi umbona u-Enigma engusomahlaya nje futhi ngeke amthathele izintatheli ngezinkulumo zakhe.