Bahlezi ngesinqe esisodwa abasakazi boKhozi FM
Mleven kaZikiza
BAHLELI ngesinqe isisodwa abasakazi ababili boKhozi FM uMandla “Njinji” Magwaza noZimiphi “Zimdollar” Biyela ngezinsolo ezibucayi.
IPurpose ithole ngemithombo yayo engashayi phansi ngaphakathi ukuthi uNjinji ubephenywa ngezinsolo zokuthi wahambisa i-invoice yomhola engaqondile njengoba kuthiwa wafaka nezinsuku angazisebenzanga.
Abacwaningi mabhuku kuthiwa lokhu bakuthole ngesikhathi sekubuyekezwa imiholo yezisebenzi ezisebenze ngoDisemba wonyaka odlule.
Icala likaZimdollar lona elokuthi wakhuluma amagama alumelayo ohlelweni alushayela noKing Sfiso iDankie 1223.
Lo msakazi wezwakala emoyeni ethi umphathi wethu “akasipetuli”.
Wayekhuluma ngoSbongi Ngcobo owayengumphathi siteshi ngaleso sikhathi.
Wayethwele kanzima ezinkundleni zokuxhumana abalandeli boKhozi ikakhulukazi baMaskandi bemthuka ngezinguquko eyezenzile mayelana nengoma ezohlukanisa unyaka.
Umthombo uthe :“Babhekene nengwadla laba basakazi. UNjinji uyazi ukuthi uhlezi ngesinqe esisodwa ngalezi zinsolo. Cishe ubenza kanje ngoba ubazi ukuthi uzokwesekwa ngesinye sezikhulu oKhozini FM abezwana naso kakhulu.
Ngebhadi sesihambile. UZimdollar ngigcine ngizwa ukuthi uzobizelwa ekomitini eliqondisa izigwegwe lapho kuzomele achaze kabanzi ukuthi wayeqonde ukuthi ngaleli gama lokuthi “akasipetuli”
Esitatimendeni esithunyelwe i-SABC ngemuva kokuthunyelwa imibuzo ithe: “Lolu phenyo luwumsebenzi wenkampani ezimele esuke ijutshwe yi-SABC. Njengoba kuyinto eyenziwa yinkampani ezimele esuke iqashwe yi-SABC, yona ibika kwibhodi lakwa-SABC, akukho ekudingida nabasebenzi bangaphakathi. Uma kunophenyo olumthintayo lowo msebenzi oyitoho, ngeke i-SABC ilukhulume nomunye umuntu wangaphandle noma esidlangalaleni.”
Ngokujwayelekile izikhalo ngolimi olunenhlabathi kwezokusakaza jikelele zibikwa kwi-Broadcasting Complaints Commission of South Africa futhi ziphanywa le khomishini.