Izindaba

Kushone ilungu eliqavile leMK Party engozini yemoto

Mleven kaZikiza

IGQEMEKE ingozi engeqiwa ntwala i-MK Party ngokushiywa emhlabeni ngokuzuma yilungu eliqavile nebeliphethe eMnyangweni wezokuXhumana uCanaan Mdletshe.

Yize i-MK Party ibingakaqinisekisi lezi zindaba kodwa iThe Purpose ithole ukuthi uMdletshe udlule emhlabeni ngengozi yemoto eyenzeke phakathi kwaseMtubatuba nakwaHlabisa namhlanje ezintathakusa zasekuseni ngoLwesihlanu.

Osondelene nomndeni wakhe uthe uMdletshe ubebuya kongcwaba ekhweni lakhe kwaCeza oLundi kanti ubesendleleni eqonde kwakhe ePretoria ngesikhathi ehlangana nokufa.

UMdletshe wazakhela igama ngesikhathi esayintatheli yeSowetan wadlulela kwiThe New Age lapho abebika kabanzi ngezindaba zepolitiki.

Ushiye ebuntathelini wajoyina i-National Freedom Party (NFP) ebiholwa umufi uZanele kaMagwaza-Msibi ngo 2014.

Uhambe nalo sopolitiki eseyosebenza ePhalamende lapho abe yiphini likaNgqongqoshe woMnyango weSayensi nobuChwepheshe.

Usuke lapho waqokwa esikhundleni sokuba uNobhala Jikelele we-NFP.

Ngenxa yombango oze wafika ezinkantolo uMdletshe uyishiyile wayojoyina iqembu likaJacob Zuma ngo-Okthoba.

UMsholozi wafika eThekwini siqu sakhe ezomemezela uMdletshe namanye amalungu anjengoWillies Mchunu namanye amalungu amahlanu asesigungwini esiphezulu e-KZN.

Related Articles

Back to top button